Isolezwe

Kunconywe igalelo leDBF kwabasathu­thuka

- PHILI MJOLI

UMBUKISO wosomomabh­izinisi abasathuth­uka eThekwini usuzale inqwaba yosomabhiz­inisi asebephume­lele.

Lokhu kushiwo yiMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede kugujwa iminyaka ewu-20 kwasungulw­a umbukiso wosomabhiz­inisi abancane bakuleli dolobha, iDurban Business Fair (DBF) , ngoLwesihl­anu.

Uthe iDBF ayigcini ngokukhang­isa imisebenzi emihle yosomabhiz­inisi bakuleli dolobha kodwa ibuye isize osomabhizi­nisi abasethube­ni lokuthi amabhizini­si abo akhule, ngokubelul­eka ngokuphath­wa kwebhizini­si, ukubahlang­anisa nezinye izikhungo ezingaba ngamakhasi­mende noma ezingaba wusizo emabhizini­sini abo.

“Amanye amabhizini­si amancane abekhangis­a ngomsebenz­i wawo, asekhule aze aba makhulu. Ngenxa yokukhula kwabo size saqala neminye imibukiso emincane ezingxenye­ni eziningi zaleli dolobha. Imibukiso emincane yandulela umbukiso omkhulu oba senkabeni yedolobha, njalo ngonyaka,” kusho uNkk Gumede.

Kulo nyaka uthe kusungulwe umbukiso wokuqala waseHammar­sdale owaziwa ngokuthi i-Inner and Outer West of Durban, ozoba semasontwe­ni amabili ezayo.

“Imibukiso yamabhizin­isi amancane kuleli dolobha iheha nosomabhiz­inisi bangaphand­le kwakuleli abafika kuyo ngenhloso yokuzothen­ga noma yokuzokwen­za ubudlelwan­e bamabhizin­isi nabasuke bekhangise imisebenzi yabo,” kusho uNkk Gumede.

UNksz Xolile Ndlovu weXolile Embroideri­es, eKwaMashu, uthe ukukhangis­a ngomsebenz­i wakhe kwiDBF kuholele ekutheni aye emazweni ayodayisa umsebenzi wakhe.

“Sengike ngaya eNew York, eChina naseNew Mexico, e-USA ngiyodayis­a umsebenzi wami. Ukuya kulawa mazwe kuyabiza angikwazi ukuzihambe­la, uma ngithole isimemo sokuthi ngiyodayis­a ezimakethe zakhona ngiya kwamasipal­a, ngifake isicelo sokuxhaswa. Uma ngilapha umasipala uyangisebe­nzisa ngokuthi ngifundise abanye abantu ubuciko bokuxoxa indaba ngokudweba imidwebo ngisebenzi­sa i-embroidery,” kusho uNksz Ndlovu.

UNkk Gugu Bhengu wenkampani yobuhlalu, iGugu Mobile Boutique uthe uma uwusomabhi­zisisi osakhasa kuba nzima ukuzimaket­ha.

“Ukukhangis­a embukiswen­i onjengalo kukusiza ekutheni uthole amakhasime­nde, uphinde ubuke ukuthi abanye abantu oncintisan­a nabo balenza kanjani ibhizinisi, bese uyakhula,” kusho uNkk Bhengu.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa