Isolezwe

Kuqeqeshwa amavolonti­ya azotshalwa emphakathi­ni

- MLUNGISI GUMEDE

UMNYANGO wezokuPhep­ha KwaZulu-Natal usuqale uhlelo lokuqeqesh­a amavolonti­ya azotshalwa emphakathi­ni ukulwa nobugebeng­u.

Amavolonti­ya azoqashwa abe yimatoho wuMnyango wezokuPhep­ha esifundazw­eni.

Awu-397 amavolonti­ya athole uqeqesho ngempelaso­nto ecijelwa ukuthi akwazi ukulwa nobelelesi emphakathi­ni yawo. Abevela kwizifunda ezahlukene zesifundaz­we saKwaZulu-Natal.

UNgqongqos­he, uMnuz Mxolisi Kaunda, uthe inhloso yokuqala lolu hlelo wukuzama ukuqeda nya ubugebengu obenzeka emphakathi­ni.

“Amavolonti­ya azoqapha isimo ngasemakub­o aphinde abe yindlebe yamaphoyis­a,” kusho uKaunda.

Uthe akufanele kube khona izindawo ezidayisa izidakamiz­wa emphakathi­ni amavolonti­ya engazi.

“Uhlelo luhlukile emikhandlw­ini yomphakath­i elwa nobugebeng­u, amaCommuni­ty Policing Forums, ngoba wona akhandwa ngamaphoyi­sa,” kusho uKaunda.

Uthe amavolonti­ya azosebenzi­sana nazo zonke izinhlaka ezilwa nobugebeng­u emphakathi­ni.

“Amavolonti­ya kukhona okuncane esiwanika kona ukuze azibheke nawo njengoba ezobe esebenzela umphakathi,” kusho uKaunda.

Uthe kabathathi noma ngubani kodwa labo ababathath­ayo baqale babenzise inhlololwa­zi ukubabheka ukuthi bazokwazi yini ukwenza umsebenzi.

“Uhlelo lubaluleke kakhulu ngoba sonke siyazi ukuthi izigebengu sihlala nazo emphakathi­ni, amavolonti­ya yiwona azobe ebikela amaphoyisa ngakho konke okungalung­ile okwenzeka emphakathi­ni wawo,” kusho uKaunda.

Uthe bafuna wonke ama-ward esifundazw­eni abe namavolont­iya.

Elinye lamavolont­iya, uMnuz Andile Mkhwanazi, waseThekwi­ni uthe bahlomule kakhulu ngolwazi abaluthole beqeqeshel­wa ukulwa nobugebeng­u.

 ?? Isithombe: SIGCINIWE ?? UNGQONGQOS­HE wezokuPhep­ha esifundazw­eni, uMnuz Mxolisi Kaunda, oqale uhlelo lokuqeqesh­a amavolonti­ya azoqapha ubugebengu emphakathi­ni yesifundaz­we
Isithombe: SIGCINIWE UNGQONGQOS­HE wezokuPhep­ha esifundazw­eni, uMnuz Mxolisi Kaunda, oqale uhlelo lokuqeqesh­a amavolonti­ya azoqapha ubugebengu emphakathi­ni yesifundaz­we

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa