Kuqeqeshwa amavolontiya azotshalwa emphakathini
UMNYANGO wezokuPhepha KwaZulu-Natal usuqale uhlelo lokuqeqesha amavolontiya azotshalwa emphakathini ukulwa nobugebengu.
Amavolontiya azoqashwa abe yimatoho wuMnyango wezokuPhepha esifundazweni.
Awu-397 amavolontiya athole uqeqesho ngempelasonto ecijelwa ukuthi akwazi ukulwa nobelelesi emphakathini yawo. Abevela kwizifunda ezahlukene zesifundazwe saKwaZulu-Natal.
UNgqongqoshe, uMnuz Mxolisi Kaunda, uthe inhloso yokuqala lolu hlelo wukuzama ukuqeda nya ubugebengu obenzeka emphakathini.
“Amavolontiya azoqapha isimo ngasemakubo aphinde abe yindlebe yamaphoyisa,” kusho uKaunda.
Uthe akufanele kube khona izindawo ezidayisa izidakamizwa emphakathini amavolontiya engazi.
“Uhlelo luhlukile emikhandlwini yomphakathi elwa nobugebengu, amaCommunity Policing Forums, ngoba wona akhandwa ngamaphoyisa,” kusho uKaunda.
Uthe amavolontiya azosebenzisana nazo zonke izinhlaka ezilwa nobugebengu emphakathini.
“Amavolontiya kukhona okuncane esiwanika kona ukuze azibheke nawo njengoba ezobe esebenzela umphakathi,” kusho uKaunda.
Uthe kabathathi noma ngubani kodwa labo ababathathayo baqale babenzise inhlololwazi ukubabheka ukuthi bazokwazi yini ukwenza umsebenzi.
“Uhlelo lubaluleke kakhulu ngoba sonke siyazi ukuthi izigebengu sihlala nazo emphakathini, amavolontiya yiwona azobe ebikela amaphoyisa ngakho konke okungalungile okwenzeka emphakathini wawo,” kusho uKaunda.
Uthe bafuna wonke ama-ward esifundazweni abe namavolontiya.
Elinye lamavolontiya, uMnuz Andile Mkhwanazi, waseThekwini uthe bahlomule kakhulu ngolwazi abaluthole beqeqeshelwa ukulwa nobugebengu.