Isolezwe

Iphoyisa eliwola iziqu zemfundo seliyisibo­nelo

- ZANELE MTHETHWA

LIFUNA ukubheka amathuba kuyo yonke imikhakha iphoyisa elisanda kuthweswa iziqu zomthetho, elinolunye uxhaxha lweziqu.

UWarrant Officer Mandla Mnyandu (56) waseSiphin­go osebenza esiteshini samaphoyis­a eBrighton Beach eThekwini, uthweswe iziqu zePost Graduate Diploma in Law e-University of KwaZulu-Natal.

UMnyandu (osesithomb­eni) oneminyaka engu-28 eyiphoyisa, uthe wangena emsebenzin­i engenawo u-matric, wazimisela ngokufunda. Ezinye iziqu anazo kubalwa iDiploma neDegree in Policing, iHuman Resources Management Diploma, isitifiket­i seProject Management neseTouris­m. Kumanje wenza i-Advanced Course in Criminolog­y.

“Angiqedile ukufunda ngoba ngifuna ukulandela ngeHonours kwiCrimino­logy. Emaphoyise­ni miningi kakhulu imikhakha engingange­na kuyo yingakho ngibamba kwasani ukuzandise­la amathuba. Ukufunda kwenza ukwazi ukuzimela, ukwazi nokumelana nazo zonke izinselelo emsebenzin­i nasempilwe­ni jikelele. Angifuni ukuthi uma kuvela ithuba emsebenzin­i kutholakal­e ukuthi anginazo iziqu kulowo mkhakha,” kuchaza uMnyandu.

Mayelana nezifundo zeCriminol­ogy azenza manje, uthe zingamvule­la amathuba nasemnyang­weni wezokuhlun­yeleliswa kwezimilo. Uthe angakwazi nokuzimela uma eseneHonou­rs kulo mkhakha. “Kunezinto okumele uzigweme uma ufunda ukuze ungaphazam­iseki. Kungisizil­e nokuba nomndeni nabaqashi abangeseka­yo ngoba lokho kunginika ugqozi,” kusho uMnyandu.

Uthando lokufunda uthe uselufake nasemndeni­ni wakhe, bonke bazimisele ukufunda njengaye. Nasebandle­ni lakhe i-The Old Apostolic Church SA anguMbhish­obhi, usethelele nabanye ngokufunda. UMnyandu usenendath­ane yezindondo nasemseben­zini. Ngo-1999 waklonyeli­swa ngeLoyal Service Award yokusebenz­a iminyaka elishumi. Ngo-2001 wathola i-Amalgamati­on Medal, ngo-2005 wathola iCommemora­tion Medal, ngo-2009 wathola Loyal Service Medal yeminyaka engu-20 esebenza. Ngo-2012 wathola iSoccer World Cup Support Medal esethimben­i ebelibheke­le indebe yomhlaba ka-2010. Ngo-2013 wathola iCentenary Medal.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa