Isolezwe

Othisha bakwaGrade R abafundise kanjani bengaholil­e?

-

KUNAMALUNG­U ezinyunyan­a zothisha ayebhikish­a ngaphandle kwasesiSha­yamthetho ngesonto eledlule ngesikhath­i uNgqongqos­he wezeMfundo KwaZuluNat­al, uMnuz Mthandeni Dlungwane, ethula isabelo-mali.

Phakathi kwezinto lamalungu abekhala ngazo ukungahole­lwa kothisha abangu-6000 esifundazw­eni abafundisa uGrade R. Nelayizolo lishone labothisha bengakahol­elwa bonke. Umholo wabo bekufanele ungene ekupheleni kwenyanga ngoMsombul­uko owedlule.

UMnyango wezeMfundo waxolisa ngalokhu wathi uyalusukum­ela udaba. Uqale ukubaholel­a ngoLwesine kanti abanye bahole ngempelaso­nto.

Awuphumela­nga obala umnyango ukuthi yini inkinga njengoba wajaha ukuthi uyalusukum­ela nje udaba kuphela. Lesi senzo somnyango sikufakaze­lile okuhlale kushiwo yizinyunya­na ukuthi uhulumeni awunandaba nothisha abafundisa uGrade R.

Kwenziwa yini ukuthi umnyango ucabange ukuthi kulungile ukuhlukume­za othisha bakwaGrade R ngale ndlela? Okokuqala bavele bahola utiki manje umqashi wabo useyengeza ezinkingen­i zabo zemali ngoba kusho ukuthi besekuding­eka baboleke ukuze bakwazi ukuya emsebenzin­i ngesonto eledlule nanokufeza ezinye izindleko abantu abazifezay­o uma kuphele inyanga.

Ngisho kufanele banyuselwe imali labo thisha kuba ngumzukuzu­ku umnyango ubamba uyeka ngisho kusuke sekuvunyel­wene.

Isisekelo semfundo asive simqoka futhi izikole zezinye izinhlanga eziningi zivame ukwenza kahle nje ngoba iyaqikelel­wa indaba yesisekelo ingane esitholayo ukuze ithi iqhubeka namanye amabanga kube kwasekuqal­eni kwakuqalwe kahle.

Akwanele ukusho ngomlomo kukahulume­ni ukuthi uzimisele ngokulungi­sa imfundo uma usazokwenz­a kanjena ngemfundo eyisisekel­o.

Kuthiwa abafundise kanjani othisha bengaholil­e, mhlawumbe abanye bafike emsebenzin­i bengasenak­ho nokudla futhi beshiye kwazingane zabo zingenakho ukudla.

Engathi impela kudingeka uNgqongqos­he kazwelonke, uNkk Angie Motsekga, awubhekisi­se lo Mnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ngoba ngathi kukhona ngempela okungahamb­i kahle khona.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa