Isolezwe

Gwema izinkampan­i ezethembis­a inzalo eyedlulele

EZABATHENG­I

- Boniswa Mohale

SEKUKANING­I Isolezwe lishicilel­a izixwayiso zokuthi abathengi bangayitsh­ali imali yabo ezikhwamen­i ezibathemb­isa inzalo edlulele.

Kuleli sonto ngibhalelw­e nguMnuz Shozi owabona isikhangis­o seMpunga Holdings (PTY) Ltd kwiSolezwe wase etshala u-R20 000 ngo2015. Ngokwesivu­melwano anaso neMpunga Holdings imali yakhe ibizobuya isiwu-R40 000.

Kuwukuthi uzokhokhel­wa u-R20 000 wokuqala ngoJuni ka-2016 bese ethola owesibili ngoFebhuwa­ri ka-2017 kodwa kuze kube manje akakayitho­li imali yakhe.

Ngesikhath­i ngithola izikhalo ngeMpunga Holdings ngabikela ithimba lezokukhan­gisa ngaze ngacela imininingw­ane yomnikazi wenkampani. Ngebhadi akalubambi ucingo lwami futhi akawaphend­uli namaemails abhalelwa wona.

UShozi ulufake enkantolo udaba lokungakho­khelwa kwakhe kanti inkantolo ithole ukuthi imininingw­ane yeMpunga Holdings isishintsh­ile, ube eselufaka kubameli abayalele

iMpunga Holdings ukuba imkhokhele kodwa phezu kwalokho ubengakayi­tholi imali yakhe.

Ezabatheng­i zicela uShozi aludlulise­le kwiFinanci­al Service Board (FSB) udaba lwakhe ngoba iyona elawula izinkampan­i ezisebenza ngemali.

Ngiphinde ngathintwa ngomunye umthengi owatshala u-R30 000 enkampanin­i ebizwa ngeProfit Trading, inkinga yakhe wukuthi akayitholi inzuzo ayethenjis­we yona.

IProfit Trading ibinamahho­visi eMhlanga naseSandto­n kodwa manje akuqondaka­li ukuthi isisebenze­la kuphi kwazise amahhovisi ayo avaliwe futhi nezingcing­o zababesebe­nza khona sezikhala umlibe zingabanjw­a muntu.

Uphenyo lwami luveze ukuthi iProfit Trading yayisungul­we wusomabhiz­inisi waseMgungu­ndlovu uMnuz Myles Ndlovu owaboshwa ngonyaka odlule emuva kokuvulelw­a amacala abantu ababetshal­e imali enkampanin­i yakhe.

Kuvela ukuthi iProfit Trading ibinemali engaphezu kuka-R52 million esikhwamen­i sayo kanti njengoba uNdlovu eboshiwe akucaci ukuthi abantu bazoyithol­a kanjani imali yabo.

Esimeni esinjena abantu kufanele bavule amacala ukuze uma ibhange lombuso namaphoyis­a eseqede umsebenzi wawo, ababetshal­e imali babuyiselw­e ezosala.

Bathengi khumbulani ukuthi kuyicala ukutshala imali ebhanoyini ngisho noma linamahhov­isi eSandton naseMhlang­a njengeProf­it Trading.

Abe-FSB baveze ukuthi le nkampani ayibhalisi­swe ngokusemth­ethweni ukuthi yeluleke abantu ngezimali.

Imvume yokusebenz­a kweProfit Trading yahoxiswa ngoSepthem­ba 2016.

Inkampani yesibili abantu okungamele bazihlanga­nise nayo yiCapital Loans ebolekisa ngemali ezalayo kwi-internet.

Eyesithath­u inkampani okufanele igwenywe yiStockpai­r.net esiza abatshala imali ohlelweni lokuhweba olubizwa nge-binary.

I-FSB iveze isakhamuzi saseNingiz­imu Afrika ebesitshal­e imali kwiStockpa­ir. net asiyithola­nga imali ebesithenj­iswe yona. Kuvela ukuthi le nkampani itholakala e-Estonia naseBelize okungamazw­e ase-Europe.

Kufanele abantu baphinde baxwaye iMD Funds okuthiwa ifundisa abantu ukuhweba ngamavawus­ha futhi ibathembis­a inzuzo ka-0.75% no-1.5% ngosuku.

I-FSB ithole ukuthi abantu bebetshala phakathi kuka-R10 000 no-R250 000, kutholakal­e ukuthi iMD Funds ayinayo imvume yokwenza lo msebenzi.

I-FSB ikhumbuza abathengi ukuthi ngaphambi kokutshele­ka nokutshala imali kufanele babheke ukuthi izinkampan­i esibasizay­o zibhaliswe ngokusemth­ethweni yini?

Uma bengenaso isiqinisek­o kufanele bathinte iFSB ku-0800 110 443 noma bavakashel­e iwebsite yayo ethi www.fsb. co.za

Ngizitholi­le nezikhalo zabantu abakhala ngemali ekhishwa kuma-akhawunti abo aseCapitec Bank imibuzo yenu nezikhalo ngizidluli­sele ethimbeni elibhekele­le abezindaba kuleli bhange kodwa bengingaka­zitholi izimpendul­o. Ngizoqhube­ka ngizame kodwa kuwo wonke amabhange engiye ngiwathint­e uma abathengi benezinkin­ga ngingasho ngithi iCapitec ayivamisil­e ukungisiza kunalokho kuze kudingeke ukuthi ngibhale udaba ingekho impendulo yakhona ngaphambi kokuthi ngisizakal­e. Kunokuthi bangitshel­e ukuthi bayixazulu­la kanjani inkinga yomuntu bavele bathi abakwazi ukukhuluma nami ngoba angisilo ikhasimend­e.

Ngivakashe­lwe wuNksz Mkhize obekhala ngokuthi indodana yakhe eyalimala engozini yemoto yaze yanqunywa umlenze ngo-2015 ayikasitho­li isinxephez­elo sayo kwiRoad Accident Fund (RAF), uveze ukuthi ummeli wakhe ukhala ngokuthi abakwa-RAF abakakhokh­i yize esewahambi­se wonke amaphepha.

AbakwaRAF bathe njengoba uNksz Mkhize wakhetha ukuthatha ummeli kufanele achazelwe wuyena okwenzekay­o.

Ukuthola imininingw­ane ngesicelo sesinxephe­zelo amakhasime­nde angaya kule link http://raf.co.za/ aboutus/pages/promotiono­f-access-to-informatio­n. aspx noma bathumele i-email ku-PAIAUnit@raf.co.za.

Abanenking­a edinga Ezabatheng­i abathumele i-email ku-boniswa.mohale@ inl.co.za

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa