Isolezwe

Kusahamba kahle ngezinguqu­ko kuKhozi

- FANELESIBO­NGE BENGU

UMPHATHI woKhozi FM obambile, uSbongi Ngcobo, uthe weneme ngendlela izinto ezihamba ngayo kulo msakazo ngemuva kokwenziwa kwezinguqu­ko eziqale ukuzwakala emoyeni ngo-Ephreli 1.

Izinguquko ezenziwe yilo msakazo zihlangani­sa ezokususwa kukaNongce­bo McKenzie ezinhlelwe­ni zakhe iSithakela Isizwe neZingasoz­e Zabuna zathathwa nguBheka Mchunu noNkosinat­hi Mshengu ngokwahluk­ana.

UNongcebo ufakwe ohlelweni lwasekusen­i phakathi nesonto iVuka Mzansi Breakfast Show noDJ Sgqemeza.

UZimiphi “Zimdollar” Biyela ubuyiselwe ohlelweni iSigiya Ngengoma wafakwa noNonhlanh­la “Mdonso” Ngcobo olandwe kwiZululan­d FM.

Kuphinde kwaqashwa abantu abasha okungu-Ayanda Melansi odidiyela iWoza Nabangani Bakho, nabasakazi uThokozani “MaFresh” Mpungose, Lindani “Lee” Hlophe noZandile “Zeal” Dladla.

“Ngijabule ngendlela wonke umuntu azinza ngayo kulezi zinguquko ezintsha,” kusho uSbongi.

Ngalezi zinguquko lo msakazo unethemba lokuthi isibalo sabalaleli sizokhula sisuke ku-7 274 000 isibalo sifinyelel­e ku-7 500 000.

NgoMgqibel­o leli phephandab­a lizame ukukhuluma noNongcebo ukuzwa ukuthi kunjani ukusebenza ohlelweni lwasekusen­i njengoba ayesenze Ezingasoze Zabuna iminyaka.

Uvele wakokozela intatheli wadla phansi wayoqhubek­a nemisebenz­i abeyenza.

UbeseMoses Mabhida Stadium lapho kade enze khona umcimbi iSports Health Fitness Exchange (SHF).

Ekhuluma ngaphambi kokubaleka uthe inhloso yomcimbi, obekungowe­sithupha kulo nyaka, ukugqugquz­ela abantu ukuthi baphile ngokunakek­ela imizimba yabo.

Bekudlalwa imidlalo eyahlukene okubalwa kuyo ibhola, elombhoxo neminye futhi kuhlolwa nezifo.

 ??  ?? UNDUNANKUL­U waKwaZuluN­atal uMnuz Willies Mchunu okulindele­ke ukuba abophe ifindo likasofa silahlane nengoduso yakhe uNksz Zodwa Khoza khona maduze
UNDUNANKUL­U waKwaZuluN­atal uMnuz Willies Mchunu okulindele­ke ukuba abophe ifindo likasofa silahlane nengoduso yakhe uNksz Zodwa Khoza khona maduze
 ??  ?? UNONGCEBO McKenzie wale waphetha ukuphawula ngokuseben­za kwakhe noDJ Sgqemeza ohlelweni lwasekusen­i kuKhozi FM
UNONGCEBO McKenzie wale waphetha ukuphawula ngokuseben­za kwakhe noDJ Sgqemeza ohlelweni lwasekusen­i kuKhozi FM
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa