Ubaqwaqwade bonke eMnyangweni wezokuThutha
UBASHAYE emakhanda bonke abasebenzi boMnyango wezokuThutha kuleli owesifazane oqwashisa ngezokuphepha emgwaqweni eMkhanyakude.
UNkk Thembi MgwiliMthethwa, oyiPrincipal Road Safety Officer kulo masipala, uthathe isicoco sokuba yiBest Female Employee ku-2017/2018 ne-Overall Winner kulo mncintiswano wokuklomelisa abasebenzi abenze umsebenzi oncomekayo kulo nyaka.
UNkk Mgwili Mthethwa ngoMashi uqokwe waba yiBest Operational Employee of the Year, kwi-5th Annual National Batho Pele Excellence Awards.
Uthe ujabule kakhulu ngokuphinde athathe lesi sicoco wathi lokhu kuzomenza azimisele kakhulu emsebenzini wakhe.
Uthe babili abasebenzi balo mnyango abaqashelwe ukuqwashisa ngezokuphepha kulo mkhandlu onomasipala abane ngaphansi kwawo.
“Ngenza isiqiniseko sokuthi ngiba nezinhlelo kubo bonke omasipala. Ngenxa yokuqhelelana kwezindawo ngigcina ngingasitholi isikhathi sokuphumula. Ukhona umhlomulo wokusebenza isikhathi esengeziwe esiwutholayo kodwa kuyenzeka singaphumeleli isicelo sakho sokuthi uzosebenza isikhathi esengeziwe. Uma kwenzekile ngathola impendulo engichithayo angikhathazeki, uma nje ngithole imvume nezinsiza kusebenza kumphathi ngiyaqhubeka nomsebenzi,” kusho uNkk Thembi MgwiliMthethwa. Uthe ukholwa ngukuthi wonke umuntu kumele elulekwe ngokuphepha emgwaqweni ukuze kwehle izingozi.
“Yingakho ngiye ngithi uma ngike ngathola ithuba lokuhlangana nabantu ngicele ithuba lokuthi ngikhulume, akukhathalekile ukuthi ngimenyiwe noma cha. Uma sekwenzekile kwaba nengozi ngisebenzisana namaphoyisa, ngithole ukuthi leyo ngozi idalwe yini. Uma kuyinkinga yomgwaqo ngikhuluma nophiko lonjiniyela ukuthi aluye kulo mgwaqo luyobheka ukuthi yini engenziwa. Uma ingozi idalwe ukuwela budedengu kwabahamba ngezinyawo ngihlela umhlangano wokuqwashisa lowo mphakathi noma ngabe bese ngike ngaya kuwo phambilini,” kusho yena.