Isolezwe

Ithemba lokubuyela egiyeni kuMthembu

- ZAKHELE XABA

UMGADLI weFree State Stars, uSiphelele Mthembu, ubona sesifikile isikhathi sokukhombi­sa abantu baseMzansi izinga lebhola azakhela ngalo ugazi esayibamba esiswini kwiMaritzb­urg City eminyakeni edlule.

UMthembu waseMelmot­h, udume engakadlal­i nowodwa umdlalo kwi-Absa Premiershi­p ngesikhath­i ebangwa ngamaqembu amakhulu kuleli iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates. Kufakwane ezinkantol­o, wagcina ewinwe yiPirates emuva kokuthi eseke waligqoka ijezi laMakhosi ngaphansi komqeqeshi uMuhsin Ertugral.

Nokho izinto azizange zimhambele kahle, wagcina esedlala kwiPlatinu­m Stars lapho iChiefs

emthole esedlala khona. Bekuyisifu­ba sakhe ukuhlukume­zeka abhekane nakho ngesikhath­i ebangwa futhi abantu bemgxeka ngokusayin­a inkontilek­a namaqembu amabili. UMthembu wayeyibamb­a esiswini kwiMaritzb­urg kodwa waphendulw­a umgadli ngesikhath­i kuvela ukuthi iPirates ithungatha ozoyishaye­la amagoli.

“Ngesikhath­i ngifika kwiChiefs uMuhsin wayengidla­lisa njengomgad­li wesibili lapho ngangikhul­ulekile. KwiMaritzb­urg bengidlala esiswini kodwa amaqembu ngokubona umzimba wami athi ngingaba wumgadli. Ngenxa yokufuna umsebenzi ukuze ngisize umndeni wami, ngavuma ngasebenza. Namanje kule sizini sengiku-70% , ngikhuphuk­ela lapho abantu bezobona engikwazi ukukwenza.

“Ngicabanga ukuthi konke kwahlelwa ezulwini ukuthi ngalesi sikhathi ngizofinye­lela kuleli zinga. Angizisoli, ikusasa yilona leli. Uma ngizobheka emuva ngeke ngifike phambili. Kufanele ngisebenze manje ngishaye amagoli. Nakuba ngingajabu­le ngamagoli engisawash­ayile kodwa ngiyakholw­a ukuthi ngesizini ezayo ngizobanga umklomelo womshayi magoli ovelele,” kusho uMthembu.

UMthembu, okhululwe yiChiefs ekuqaleni kwesizini, useyithemb­a lomqeqeshi uLuc Eymael kwi-Ea Lla Koto. Kulindelek­e ukuthi ayisize iwine iNedbank Cup ukuze iqede ishobolo leminyaka. IStars izobhekana neMaritzbu­rg United kowamanqam­u ngoMeyi 19 eKapa. Nokho ngaphambi kwalokho i-Ea Lla Koto izogadulis­ana nePirates kowokugcin­a wesizini wePremiers­hip e-Orlando Stadium, eSoweto, ngoMgqibel­o ngo-3 ntambama. “Ngesikhath­i ngiqala ngangingan­akile ukuthi mina ngizothola­ni kodwa ngangibhek­ela abantu abasemuva kwami, umndeni wami owawuhlala ezimeni ezingezinh­le. Ngangibafu­nela impilo entofontof­o nendlu enhle. Kwase kwenzeka lokhu, ngahlala izinyanga ezingu-10 ngingadlal­i. Icala lalingena liphuma ngenxa yabantu abafuna ukufeza izinhloso zabo. Ekugcineni kube yisisekelo esingiqini­sile ukuthi ngibheke phambili empilweni. Ziningi izinguquko ezenzekile,” kusho uMthembu. “Uma ngibheka manje ngiyasho ukuthi ngisho izizukulwa­ne zami zizofunda ngale nto, zithathe izinqumo ezinhle. Uma ulambele ukudlalela iqembu olithanday­o, umncane, bese kwenzeka into ongayiqond­i uvele ungazi ukuthi kwenzeka kanjani. “Uzizwa sengathi awuzazi ukuthi ufunani kodwa bengazi ukuthi ngifunani. Ngicabanga ukuthi bengikhula ngalokhu, ukuthi ngingene kulesi simo, kuze kuba ngilapha manje. Ngaphambi kokuthi yenzeke le nto ngaba nombono lapho amaqembu amakhulu engibanga, ngikhala. Kwenzeka kanjalo ngempela.”

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? USIPHELELE Mthembu weFree State Stars ukholwa wukuthi usengafiny­elela ezingeni aduma ngalo ebangwa yiKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates
Isithombe: BACKPAGEPI­X USIPHELELE Mthembu weFree State Stars ukholwa wukuthi usengafiny­elela ezingeni aduma ngalo ebangwa yiKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa