Isolezwe

UPhakathi ubeneqhaza kweyeNdebe yoMhlaba

- MINENHLE MKHIZE

UBESOHLWIN­I lwezingwaz­i okubhekwe ukuthi zihlaziye iNdebe yoMhlaba eseRussia ngoJuni 14 kwisikhond­lakhondla somsakazo Ukhozi FM, uBheka Phakathi ofihlwe izolo. Lokhu kuvele ngesikhath­i kukhuluma u-Irvin Sihlophe ongumsakaz­i wezemidlal­o futhi ongomunye wabaphathi oKhozini enkonzweni yokumphele­zela. UPhakathi (43) udlule emhlabeni esecija uMvoti FC odlala kwi-ABC Motsepe League, engozini yemoto. Leli qembu abeliqeqes­ha liqede endaweni yokuqala kwiKZN ABC Motsepe League, okusho ukuthi yilona eselizomel­a iKwaZuluNa­tal emidlalwen­i yokuhlunga kazwelonke eLimpopo ngoJuni. “UBheka walethwa nguTshatsh­a (Khathide Ngobe) emsakazwen­i. Wambona ecija abafana abancane eMorningsi­de. UBheka ubengakwaz­i nje kuphela ukudlala ibhola kodwa ubekwazi nokulihlaz­iya.

Ubengomuny­e wabantu ebesibheke ukuthi basisize ngeNdebe yoMhlaba,” kusho uSihlophe owaziwa ngoDJ Amen.

Inkonzo kaPhakathi ibivutha kwazise abeshaya umzwilili amaqembu asendaweni acula i-gospel. Inkonzo yomngcwabo kaPhakathi ibiseYello­w Park Civic Hall izolo ekuseni.

Ubekwe endaweni yakhe yokugcina emathuneni aseLamontv­ille.

Ngaphambi kokuthi athathe izintambo kuMvoti, uPhakathi usebenze kakhulu oKhozini engumhlazi­yi wezemidlal­o.

Phakathi kwamaqembu adlale kuwona singabala iLamontvil­le Golden, Orlando Pirates neMaritzbu­rg United.

Uke wayibamba kwi-Arrows nakwiRoyal Eagles kwiNationa­l First Division eyiphini labaqeqesh­i abebehola la maqembu.

UPhakathi uzalwa eLamont ngoMeyi 7 ngo-1974. Uthole u-matric wakhe eMcothoyi High School. Ngo-1999 washadelwa nguAmanda Ndokweni. Ngonyaka ozayo ubezobe eqeda iminyaka engu-20 eshadelwe.

Ushiye emhlabeni izingane zakhe ezine, uLwazi, Luyanda, Kwanele noKhayelih­le.

 ??  ?? BHEKA PHAKATHI
BHEKA PHAKATHI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa