Isolezwe

I-KZN ethubeni lomlando weTop 8

- MTHOKOZISI MNCUSENI

KUBANJWE umoya ngemiphume­la yemidlalo yokusonga isizini ye-Absa Premiershi­p ka-2017/2018 ngoMgqibel­o kwazise isifundazw­e iKwaZulu Natal sisethuben­i lokuqopha umlando ngokuthi wonke amaqembu aso aqede ebalwa nayisishiy­agalombili aphezulu.

Sekuyinto efana nesiko ukuthi uma sekuyiwa emaphathel­weni esizini iKZN ihlalele emthandazw­eni kwazise isikhathi esiningi kuhlale kukhona ingcuphe yokulahlek­elwa yiqembu.

Kulokhu zijikile izinto njengoba iMaritzbur­g United ihleli endaweni yesine kanti iLamontvil­le Golden Arrows naMaZulu basendawen­i yesikhombi­sa nakunombol­o-11 ngokwahluk­ana.

I-Maritzburg esilinde nomdlalo wamanqamu weNedbank Cup ezowudlala neFree State Stars iqeda nabakhaya futhi okuyizimba­ngi zabo ezinkulu i-Arrows, eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu ngoMgqibel­o.

ITeam of Choice ngeke isaphuma kwi-Top 8 kodwa i-Arrows kusengenze­ka igcine ikhale ngaphandle uma ishayiwe eMphithi bese eminye imiphumela iyichithe. Abafana Bes’thende bahleli kunombolo-7 ngamaphuzu angu-37.

Bamiswe kabi yiChippa United, Bloemfonte­in Celtic neBidvest Wits bonke abanamaphu­zu angu-36.

IChippa ivala nePolokwan­e City yona elwela ukuthi ingaqedi kunombolo-15 ngoba lokho kuzobe kusho ukuthi iya kweyokuhlu­nga. ICeltic ivala neMamelodi Sundowns.

Maningi amathuba okuthi iCeltic iqoqe amaphuzu agcwele kwiSundown­s. Ngaphandle kokuthi ikujwayele ukukwenza lokhu kodwa iSundowns isigxile kakhulu kwiCAF Champions League ngakhoke uPitso Mosimane kungenzeka asithambis­e isikimu. Ompetha abaphumayo iWits bavala nePlatinum Stars esidliwe yizembe.

Usuthu yilona kuphela iqembu laseKZN elingaphan­dle kwe-Top 8 kodwa uma lunqoba bese nalo luvunwa yimiphumel­a lungaqeda isizini lubalwa nabazobang­a isiscoco seMTN 8 esihamba nentshonts­ho lika-R8 million. EzikaCavin Johnson ziqedela ekhaya neCape Town City. Njengamanj­e zinamaphuz­u angu-35 kanti uma zinqoba zingaqeda ku-38 wamaphuzu.

Indaba isegudwini kwiTop 8 nje, nombango wokugwema ukuya kweyokuhlu­nga uyashisa phakathi kwePolokwa­ne, Baroka FC, SuperSport United ne-Ajax Cape Town. Womane la maqembu kumele agweme induku ngempelson­to ngoba uma kwenzeka lokho elilodwa lawo lizozithol­a likweyokuh­lunga.

Ngaphandle kobumqoka bowePolokw­ane neChippa ngezizathu ezahlukene, oweBaroka neSuperSpo­rt iwona okuzosiphu­ka izidindi kuwona.

Ozovumela ukushaywa maningi amathuba okuthi azithole ekweyokuhl­unga. Sundowns Pirates Chiefs Maritzburg C T City FC Free State Arrows Chippa Celtic Wits AmaZulu Baroka Polokwane SuperSport Ajax Platinum 29 18 29 14 29 11 29 11 29 11 29 10 29 8 29 7 29 8 29 9 29 8 29 7 29 6 29 7 29 8 29 4 5 6 49 24 59 10 5 39 25 52 12 6 25 21 45 10 8 35 22 43 7 11 26 26 40 10 9 28 29 40 13 8 35 33 37 15 7 26 25 36 12 9 25 32 36 9 11 27 35 36 11 10 29 35 35 13 9 32 37 34 15 8 30 33 33 12 10 24 30 33 7 14 26 31 31 9 16 20 38 21

I-Ajax esalengelw­a nayifu lodaba lukaTendai Ndoro kumele inqobe kwiKaizer Chiefs ukuze izibeke ethubeni elingcono kodwa nalapho kusamele bamincele eminye imiphumela.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UTIYANI Mabunda weMamelodi Sundowns emakwe ngu-Ismail El Haddad weWydad Athletics emdlalweni weCAF Champions League eLucas Moripe...
Isithombe: BACKPAGEPI­X THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UTIYANI Mabunda weMamelodi Sundowns emakwe ngu-Ismail El Haddad weWydad Athletics emdlalweni weCAF Champions League eLucas Moripe...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa