U-10111 neqhinga lokuvusa iChiefs
UNESIFISO sokuthi iKaizer Chiefs igweme ukusaphaza imali ngabadlali abafike bangayisizi ngalutho, umqeqeshi weqembu leMultichoice Diski Challenge (MDC) u-Arthur “10111” Zwane.
Iqembu likaZwane libe ngompetha beMultichoice Diski Shield yokuqala ngemuva kokuqumba phansi iMamelodi Sundowns ngo 3-1 emdlalweni wamanqamu eMakhulong Stadium, eTembisa, ngoMgqibelo. Amagoli eChiefs ashaywe uYusuf Bunting (iphenathi), Katlego Ntsabeleng noGiven Thibedi. EleSundowns lize noVuyo Mantjie futhi yiyona elishaye kuqala.
Ngokudla umhlanganiso kulo mqhudelwano iChiefs ihlomule ngoR150 000 ezowunikela esikoleni saseSoweto, i-Emshukantambo High School, njengokwesivumelwano samaqembu neMultichoice maqondana nalo mqhudelwano.
“Iqiniso elingeke laphikiswa wukuthi umdlali okhule kwinkulisa yeChiefs wabunjwa khona, akefani nakancane nothengwa kwamanye amaqembu engalwazi usiko lweChiefs,” kusho uZwane.
IChiefs isithenge inqwaba yabadlali abafike bangayenzela lutho yize bekubhekwe lukhulu kubona kumasizini edlule. Phakathi kwalabo badlali kukhona uLewis Macha, Edward Manqele, Siphelele Mthembu, Michelle Katsvairo, Sula Matovu, Bongani Ndulula nabanye.
UZwane uthe abadlali abaqeqeshayo ufuna babe yikusasa laMakhosi futhi banohlelo oluqondile lokwenza lokho ezinkulisa ukuze bakhiqize abadlali abasezingeni eliphezulu.
“Abadlali engibaphekayo ngifuna ukuthi uma sebedlalela iqembu elikhulu badlale ngokuzethemba baphinde bawine. Imali iyamosheka ngokulokhu sithenga abadlali abasuke bengakhulelanga kwiChiefs kodwa abafika bangalenzeli lutho iqembu. Indlela yethu yokonga imali wukuthi sizikhiqizele abadlali ezinkulisa zethu. Laba dlali abawine iShield baneminyaka eko-16 no-17 kanti kukhona abambalwa asebengaphezulu kuka-20 njengoBunting. Kumele bafike eqenjini elikhulu babe abadlali abasezingeni eliphezulu beseneminyaka elapha ku-20,” kuchaza uZwane.
Lo mqeqeshi uveze ukuthi yini eyenze badla isicoco ngoMgqibelo yize eshaya ngabafana abancane.
“Ngesikhathi kuqala isizini yeMDC besingekho esimeni esikahle ngoba abadlali abaningi abebewumgogodla weqembu babolekisiwe, abanye banyukela eqenjini lethu elikhulu.
Lokhu bekusho ukuthi kumele ngiqale phansi ngibumbe iqembu. Bengidlala ngabafana abano-16 no-17 futhi ngibatshelile ukuthi sakhela isizini ezayo asiyibhekile imiphumela.
Obekubalulekile wukuthi baqonde indlela esenza ngayo izinto,” kusho uZwane.
“Iphutha elenziwe ngamaqembu abebhekana nathi wukuthi abevele abize abadlali bawo abadlala emaqenjini amakhulu uma ezodlala nathi. Abedlalela ukushaya thina engabhekile ukwakhela ikusasa. Ngibatshelile abadlali bami ukuthi abadlale nabo bangangayinaki indaba yemiphumela kodwa lokhu kuzobukhulisa. Bazofika esigabeni esiphezulu sebejwayele ukudlala nabadlali abanamava.
“Ngenhlanhla yoMdali kuvele kwafika iShield. Uyazibonela nawe ukuthi besingabasebenzisi abadlali abadala kwiMDC, uBrilliant Khuzwayo samnika umdlalo owodwa ngoba wayecelile ukuthi ufuna ukuthola ithuba lokudlala. Okwenzeke kwiShield bengikulindele ngesizini ezayo. Noma kanjani ngezayo sifuna ukuwina iligi,” kuphetha uZwane. Nokho kowamanqamu ngoMgqibelo uZwane ubafakile abadlali abafana noBrylon Petersen, Yusuf Bunting, Siyabonga Ngezana noSiphosihle Ntiya-ntiya asebeseqenjini elikhulu. IChiefs iyiwine yonke imidlalo yeShield