Ithemba lokubuyela egiyeni kuMthembu
UMGADLI weFree State Stars, uSiphelele Mthembu, ubona sesifikile isikhathi sokukhombisa abantu baseMzansi izinga lebhola azakhela ngalo ugazi esayibamba esiswini kwiMaritzburg City eminyakeni edlule.
UMthembu waseMelmoth, udume engakadlali nowodwa umdlalo kwi-Absa Premiership ngesikhathi ebangwa ngamaqembu amakhulu kuleli iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates. Kufakwane ezinkantolo, wagcina ewinwe yiPirates emuva kokuthi eseke waligqoka ijezi laMakhosi ngaphansi komqeqeshi uMuhsin Ertugral.
Nokho izinto azizange zimhambele kahle, wagcina esedlala kwiPlatinum Stars lapho iChiefs
emthole esedlala khona. Bekuyisifuba sakhe ukuhlukumezeka abhekane nakho ngesikhathi ebangwa futhi abantu bemgxeka ngokusayina inkontileka namaqembu amabili. UMthembu wayeyibamba esiswini kwiMaritzburg kodwa waphendulwa umgadli ngesikhathi kuvela ukuthi iPirates ithungatha ozoyishayela amagoli.
“Ngesikhathi ngifika kwiChiefs uMuhsin wayengidlalisa njengomgadli wesibili lapho ngangikhululekile. KwiMaritzburg bengidlala esiswini kodwa amaqembu ngokubona umzimba wami athi ngingaba wumgadli. Ngenxa yokufuna umsebenzi ukuze ngisize umndeni wami, ngavuma ngasebenza. Namanje kule sizini sengiku-70% , ngikhuphukela lapho abantu bezobona engikwazi ukukwenza.
“Ngicabanga ukuthi konke kwahlelwa ezulwini ukuthi ngalesi sikhathi ngizofinyelela kuleli zinga. Angizisoli, ikusasa yilona leli. Uma ngizobheka emuva ngeke ngifike phambili. Kufanele ngisebenze manje ngishaye amagoli. Nakuba ngingajabule ngamagoli engisawashayile kodwa ngiyakholwa ukuthi ngesizini ezayo ngizobanga umklomelo womshayi magoli ovelele,” kusho uMthembu.
UMthembu, okhululwe yiChiefs ekuqaleni kwesizini, useyithemba lomqeqeshi uLuc Eymael kwiEa Lla Koto. Kulindeleke ukuthi ayisize iwine iNedbank Cup ukuze iqede ishobolo leminyaka. IStars izobhekana neMaritzburg United kowamanqamu ngoMeyi 19 eKapa. Nokho ngaphambi kwalokho i-Ea Lla Koto izogadulisana nePirates kowokugcina wesizini wePremiership e-Orlando Stadium, eSoweto, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama. “Ngesikhathi ngiqala nganginganakile ukuthi mina ngizotholani kodwa ngangibhekela abantu abasemuva kwami, umndeni wami owawuhlala ezimeni ezingezinhle. Ngangibafunela impilo entofontofo nendlu enhle. Kwase kwenzeka lokhu, ngahlala izinyanga ezingu-10 ngingadlali. Icala lalingena liphuma ngenxa yabantu abafuna ukufeza izinhloso zabo. Ekugcineni kube yisisekelo esingiqinisile ukuthi ngibheke phambili empilweni. Ziningi izinguquko ezenzekile,” kusho uMthembu. “Uma ngibheka manje ngiyasho ukuthi ngisho izizukulwane zami zizofunda ngale nto, zithathe izinqumo ezinhle. Uma ulambele ukudlalela iqembu olithandayo, umncane, bese kwenzeka into ongayiqondi uvele ungazi ukuthi kwenzeka kanjani. “Uzizwa sengathi awuzazi ukuthi ufunani kodwa bengazi ukuthi ngifunani. Ngicabanga ukuthi bengikhula ngalokhu, ukuthi ngingene kulesi simo, kuze kuba ngilapha manje. Ngaphambi kokuthi yenzeke le nto ngaba nombono lapho amaqembu amakhulu engibanga, ngikhala. Kwenzeka kanjalo ngempela.”