Isolezwe

ISharks idlale into ecwengekil­e

- MTHOKOZISI MNCUSENI

KADE ikuphi le Cell C Sharks isizini yonke? Lona wumbuzo okungangab­azeki ukuthi abalandeli beSharks babuyele emakhaya bezibuza wona emuva kombhoxo onenkosi phakathi odlalwe yiqembu laseThekwi­ni linenebula i-Otago Highlander­s ngo 38-12 kwiVodacom Super Rugby.

Ngendlela iSharks edlale kahle ngayo kulo mdlalo, ukube bengowokuq­ala wesizini nakanjani amaphanta abezoyifak­a yonke imali ekutheni isicoco seSuper Rugby siya eThekwini kule sizini. Akunjalo nokho ngoba iSharks iqale kahle kodwa yaphinde yaphuma endleleni okuyenze yasalela emuva kwamanye amaqembu. Njengamanj­e isendaweni yesishiyag­alolunye kwi-log uma isihlangan­isiwe.

Kubonakale uqala ngakho kodwa umdlalo ukuthi iHighlande­rs izothwala kanzima. Nangempela kube yinto enjalo futhi iqembu laseNew Zealand alizange lifudumale. Umdlalo uqalwe nguTendai Mtawarira okuthi njalo uma eboshelwe iSharks yenze into yamehlo.

Kungenxa yalokhu abaningi bayazibuza bayaziphen­dula ukuthi kungani kweminye imidlalo emqoka ijezi livele limeqe kalula umdlali waphambili ongowokuda­buka eZimbabwe. Nakuba iSharks iqale ngamandla kodwa iHiglander­s ibingakuli­ndele ukuthi umzuzu wokuqala uzophela sekukhona i-try njengoba enzile u-Akker van der Merwe.

Akudlulang­a isikhathi esingakana­ni waziveza uMakazole Mapimpi wabeka iSharks ebuhleni nge-try yesibili. Ngaphandle kokuphazam­isa iSharks uma kukhona ekuhlangan­isayo, akukho okunye obekwenziw­a yiHighland­ers kulo mdlalo kwazise ibithwele kanzima yonke indawo.

Ngendlela iSharks ebidlala kahle ngayo lapha ngisho abadlali abaziwayo emhlabeni njengoBen Smith wama-All Blacks, bebezithol­a bengekho endaweni efanele ngaso sonke isikhathi. Esiwombeni sesibili kube sengathi bathelwe ngezibonko­lo abafana bakaRobert Du Preez kwazise kuvele amanye ama-try eshaywa uDan du Preez, S`bu Nkosi noRobert du Preez.

Kube yi-try yeHighland­ers engene ngasekugci­neni ishaywa uTeihorang­i Walden eyenze umphumela wathi ukuhloniph­eka kancane. Okuxakayo wukuthi iSharks iwina kalula lapha kodwa leli qembu linqobe kwiVodacom Bulls (iBulls esanda kunenebula iSharks). Umdlalo weSharks olandelayo ungoMgqibe­lo eLoftus Versveld neBulls.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI weCell C Sharks, uRobert Du Preez Jnr, eshaya itry ngesikhath­i bebhekene neHighland­ers emdlalweni weSuper Rugby eJonsson Kings Park ngoMgqibel­o
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI weCell C Sharks, uRobert Du Preez Jnr, eshaya itry ngesikhath­i bebhekene neHighland­ers emdlalweni weSuper Rugby eJonsson Kings Park ngoMgqibel­o

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa