UPhakathi ubeneqhaza kweyeNdebe yoMhlaba
UBESOHLWINI lwezingwazi okubhekwe ukuthi zihlaziye iNdebe yoMhlaba eseRussia ngoJuni 14 kwisikhondlakhondla somsakazo Ukhozi FM, uBheka Phakathi ofihlwe izolo. Lokhu kuvele ngesikhathi kukhuluma u-Irvin Sihlophe ongumsakazi wezemidlalo futhi ongomunye wabaphathi oKhozini enkonzweni yokumphelezela. UPhakathi (43) udlule emhlabeni esecija uMvoti FC odlala kwi-ABC Motsepe League, engozini yemoto. Leli qembu abeliqeqesha liqede endaweni yokuqala kwiKZN ABC Motsepe League, okusho ukuthi yilona eselizomela iKwaZuluNatal emidlalweni yokuhlunga kazwelonke eLimpopo ngoJuni. “UBheka walethwa nguTshatsha (Khathide Ngobe) emsakazweni. Wambona ecija abafana abancane eMorningside. UBheka ubengakwazi nje kuphela ukudlala ibhola kodwa ubekwazi nokulihlaziya.
Ubengomunye wabantu ebesibheke ukuthi basisize ngeNdebe yoMhlaba,” kusho uSihlophe owaziwa ngoDJ Amen.
Inkonzo kaPhakathi ibivutha kwazise abeshaya umzwilili amaqembu asendaweni acula i-gospel. Inkonzo yomngcwabo kaPhakathi ibiseYellow Park Civic Hall izolo ekuseni.
Ubekwe endaweni yakhe yokugcina emathuneni aseLamontville.
Ngaphambi kokuthi athathe izintambo kuMvoti, uPhakathi usebenze kakhulu oKhozini engumhlaziyi wezemidlalo.
Phakathi kwamaqembu adlale kuwona singabala iLamontville Golden, Orlando Pirates neMaritzburg United.
Uke wayibamba kwi-Arrows nakwiRoyal Eagles kwiNational First Division eyiphini labaqeqeshi abebehola la maqembu.
UPhakathi uzalwa eLamont ngoMeyi 7 ngo-1974. Uthole u-matric wakhe eMcothoyi High School. Ngo-1999 washadelwa nguAmanda Ndokweni. Ngonyaka ozayo ubezobe eqeda iminyaka engu-20 eshadelwe.
Ushiye emhlabeni izingane zakhe ezine, uLwazi, Luyanda, Kwanele noKhayelihle.