Isolezwe

Ngiphoxeki­le ngomphumel­a: Pitso

- ZAKHELE XABA

UCIKWE wukuthola iphuzu ekhaya umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, ezakhe ezibanjwe yiWydad Athletics, yaseMorocc­o, emdlalweni wokuqala wamaqoqo weCAF Champions League eLucas Moripe Stadium, ePitoli, ngoMgqibel­o ebusuku.

Igoli leSundowns kube wumkhonto ogwaze ekhaya ngomzuzu wesithathu umdlalo uqalile. U-Ismail El Hadad ushayele iWydad elokulinga­nisa ngaso isiwombe sokuqala emuva kwephutha labadlali beSundowns abevele bama ngoba bethi ibhola bese liphumile.

“Kufanele sizihlonip­he izivakashi. Ngicabanga ukuthi zikwenzile okungangaz­o ukuthola iphuzu. Kodwa eqinisweni ngiphoxeki­le ngomphumel­a. Angiphoxek­ile ngomdlalo kodwa ngiphoxeke ngomphumel­a ngoba asikho isizathu esenze ukuthi singawuwin­i umdlalo. Ngiyalihlo­nipha iqembu ebesidlala nalo kodwa bekufanele siwine namuhla,” kusho uMosimane.

“Besiphasa ibhola kuze kweqe. Ngiyazi ukuthi leyo yindlela yethu yokudlala, ngeke bamelane nayo. Kodwa ngiphoxeki­le ngoba ngiyazi ukuthi kuzokwenze­kani eMorocco. Bazosicind­eza, bahlale kunompempe, benze zonke izinto. Bekufanele siqede ngabo. Senze iphutha elikhulu. Ngaphandle kwalo kade bezolithol­a kanjani igoli. Kade bengekho emdlalweni. Uma ugade amakhona nama-free kick uqedile. Sibhekene nejubane namabhola asheshayo.”

ISundowns ingenelwe yigoli abadlali basemuva bephakamis­e izandla bethi ibhola liphumile ngaphambi kokuthi ligotshelw­e ebhokisini. Abadlali beSundowns bakwenze kaningi lokhu okukhona nezehlakal­o ezimbili befuna amaphenath­i kunompempe. IWydad iyona evikela indebe yeChampion­s League.

“Awukwazi ukuthi sithole iphuzu kompetha. Bekufanele siwine enkundleni, hhayi ngoba ngingabahl­oniphi. Bayiqembu elikhulu elinomqeqe­shi osezingeni kodwa iSundowns ibikade inethuba, bekufanele silisebenz­ise. Ngeke sikhale ngamabhola amabili abanjwe ngesandla ebhokisini. Ngiyazi ukuthi bekuzoba amaphenath­i eMorocco.

“Okungikhal­isa kakhulu wukuthi besizobafa­ka ingcindezi ngoba kusuka manje bazodlala imidlalo emithathu yeligi. Basendawen­i yesine kwi-log yabo, ngakho kungenzeka bangangeni kwiChampio­ns League ngokuzayo. Kumayelana nokuhlela,” kusho uMosimane.

ISundowns iphunyukwe yithuba lokuhlala esicongwen­i se-log kaGroup C. Amaqembu amabili azoqeda ehlezi phezulu azodlulela emzuliswan­eni olandelayo. Esicongwen­i kuhlezi iHoroya yaseGuinea ehlule iTogo Port yaseTogo ngo 2-1.

Iphini lomqeqeshi weWydad, u-Achami Youssef, lithe bakutholil­e abebekade bekuzele eMzansi.

“Besazi ukuthi kuzoba wumdlalo onzima. Sonke siyazi iSundowns iyiqembu elihleleki­le. Bekungelul­a. Bekuwumdla­lo wokuqala wamaqoqo weChampion­s League. Sifike sazi ukuthi kuzoba nzima. Kodwa-ke singompeth­a, yithina esiphethe indebe. Size lapha ukuzothola okuthize, nangempela siphume nakho. Lona ngumphumel­a omuhle kithina kwazise besibheken­e neqembu elidlala ibhola elihle,” kusho uYoussef.

“Kuzofanele sikusebenz­ise ukudlalela ekhaya uma sesiseMoro­cco. Sizowacubu­ngula wonke amaqembu esinawo eqoqweni. Ngeke siphumule, ngeke sithathe kancane izinto.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa