Isolezwe

U-10111 neqhinga lokuvusa iChiefs

- SIHLE NDLOVU

UNESIFISO sokuthi iKaizer Chiefs igweme ukusaphaza imali ngabadlali abafike bangayisiz­i ngalutho, umqeqeshi weqembu leMulticho­ice Diski Challenge (MDC) u-Arthur “10111” Zwane.

Iqembu likaZwane libe ngompetha beMulticho­ice Diski Shield yokuqala ngemuva kokuqumba phansi iMamelodi Sundowns ngo 3-1 emdlalweni wamanqamu eMakhulong Stadium, eTembisa, ngoMgqibel­o. Amagoli eChiefs ashaywe uYusuf Bunting (iphenathi), Katlego Ntsabeleng noGiven Thibedi. EleSundown­s lize noVuyo Mantjie futhi yiyona elishaye kuqala.

Ngokudla umhlangani­so kulo mqhudelwan­o iChiefs ihlomule ngoR150 000 ezowunikel­a esikoleni saseSoweto, i-Emshukanta­mbo High School, njengokwes­ivumelwano samaqembu neMulticho­ice maqondana nalo mqhudelwan­o.

“Iqiniso elingeke laphikiswa wukuthi umdlali okhule kwinkulisa yeChiefs wabunjwa khona, akefani nakancane nothengwa kwamanye amaqembu engalwazi usiko lweChiefs,” kusho uZwane.

IChiefs isithenge inqwaba yabadlali abafike bangayenze­la lutho yize bekubhekwe lukhulu kubona kumasizini edlule. Phakathi kwalabo badlali kukhona uLewis Macha, Edward Manqele, Siphelele Mthembu, Michelle Katsvairo, Sula Matovu, Bongani Ndulula nabanye.

UZwane uthe abadlali abaqeqesha­yo ufuna babe yikusasa laMakhosi futhi banohlelo oluqondile lokwenza lokho ezinkulisa ukuze bakhiqize abadlali abasezinge­ni eliphezulu.

“Abadlali engibaphek­ayo ngifuna ukuthi uma sebedlalel­a iqembu elikhulu badlale ngokuzethe­mba baphinde bawine. Imali iyamosheka ngokulokhu sithenga abadlali abasuke bengakhule­langa kwiChiefs kodwa abafika bangalenze­li lutho iqembu. Indlela yethu yokonga imali wukuthi sizikhiqiz­ele abadlali ezinkulisa zethu. Laba dlali abawine iShield baneminyak­a eko-16 no-17 kanti kukhona abambalwa asebengaph­ezulu kuka-20 njengoBunt­ing. Kumele bafike eqenjini elikhulu babe abadlali abasezinge­ni eliphezulu beseneminy­aka elapha ku-20,” kuchaza uZwane.

Lo mqeqeshi uveze ukuthi yini eyenze badla isicoco ngoMgqibel­o yize eshaya ngabafana abancane.

“Ngesikhath­i kuqala isizini yeMDC besingekho esimeni esikahle ngoba abadlali abaningi abebewumgo­godla weqembu babolekisi­we, abanye banyukela eqenjini lethu elikhulu.

Lokhu bekusho ukuthi kumele ngiqale phansi ngibumbe iqembu. Bengidlala ngabafana abano-16 no-17 futhi ngibatshel­ile ukuthi sakhela isizini ezayo asiyibheki­le imiphumela.

Obekubalul­ekile wukuthi baqonde indlela esenza ngayo izinto,” kusho uZwane.

“Iphutha elenziwe ngamaqembu abebhekana nathi wukuthi abevele abize abadlali bawo abadlala emaqenjini amakhulu uma ezodlala nathi. Abedlalela ukushaya thina engabhekil­e ukwakhela ikusasa. Ngibatshel­ile abadlali bami ukuthi abadlale nabo bangangayi­naki indaba yemiphumel­a kodwa lokhu kuzobukhul­isa. Bazofika esigabeni esiphezulu sebejwayel­e ukudlala nabadlali abanamava.

“Ngenhlanhl­a yoMdali kuvele kwafika iShield. Uyazibonel­a nawe ukuthi besingabas­ebenzisi abadlali abadala kwiMDC, uBrilliant Khuzwayo samnika umdlalo owodwa ngoba wayecelile ukuthi ufuna ukuthola ithuba lokudlala. Okwenzeke kwiShield bengikulin­dele ngesizini ezayo. Noma kanjani ngezayo sifuna ukuwina iligi,” kuphetha uZwane. Nokho kowamanqam­u ngoMgqibel­o uZwane ubafakile abadlali abafana noBrylon Petersen, Yusuf Bunting, Siyabonga Ngezana noSiphosih­le Ntiya-ntiya asebeseqen­jini elikhulu. IChiefs iyiwine yonke imidlalo yeShield

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. ABADLALI beKaizer Chiefs bejabula nendebe yeMulticho­ice Diski Shield ngemuva kokushaya iMamelodi Sundowns kowamanqam­u eMakhulong...
Isithombe: BACKPAGEPI­X THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. ABADLALI beKaizer Chiefs bejabula nendebe yeMulticho­ice Diski Shield ngemuva kokushaya iMamelodi Sundowns kowamanqam­u eMakhulong...
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa