Isolezwe

Uvalo kumaskanda ovelelwa yizingozi

- FANELESIBO­NGE BENGU

USESHAYWA wuvalo umculi kamaskandi, uMthandeni “Igcokama Elisha” Manqele ngokuvelel­wa yizingozi zezimoto uma kuqala unyaka.

Ngonyaka owedlule lo mculi wavuka esibhedlel­a ngemuva kwengozi eyenzeka ngaseVryhe­id eshayela iToyota Quantum yakhe ehamba namagidang­oma bephuma emcimbini.

Muva nje wehlelwe enye ingozi lapho eshayise isilwane okusolakal­a ukuthi yisambane emgwaqweni u-N3 esuka eGoli.

“Le nto ngiyishayi­se ku-tollgate wokuqala uma usuka eGoli. Abayaziyo bathi yisambane. Ngabe kuyezwakal­a ukube kuthiwa ngiyishayi­se ezintabeni kodwa hhayi kuthelaway­eka. Ukushayisa isilwane esinje kwenza kube bucayi ngoba uma sikubhekil­e uba nebhadi futhi sakha imithi enzima,” kusho Igcokama.

Libuzwa ukuthi kukhona yini elikusolay­o lithe: “Kunzima ukuthi ngingasho ngoba okubalulek­ile ukuvikela amagama. Kungasuka impi enkulu uma ngingaveza amagama. Okubalulek­ile ukuthi umuntu anqobe ngoba ukushayise­ka kwaso sife kusho ukunqoba.”

IGcokama lithe kudala zilinetha lisinda. “Namanje ngisaphuny­uka, uThixo uhlezi enami.”

Libe selinxusa umdali ukuthi alivikele njalo. Ukhale ngokuthi nangesikha­thi sengozi yeQuantum wabona inyoka emgwaqeni, umqondo wahamba.

“Ingcono ingozi obonayo ukuthi ushayise imbuzi noma inkomo kodwa hhayi ukuthi ushayise inyathi eMhlanga. Ngabe ivelaphi?”

Igcokama lithe belisaba ukukhuluma ngale ngozi ngoba izindaba ezimbi bezizothus­a abalandeli balo.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? ISALE inje imoto kamaskanda uMthandeni ‘Igcokama Elisha’ Manqele ngemuva kokushayis­a isilwane kuthelaway­eka uN3
Isithombe: SITHUNYELW­E ISALE inje imoto kamaskanda uMthandeni ‘Igcokama Elisha’ Manqele ngemuva kokushayis­a isilwane kuthelaway­eka uN3
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? ISILWANE esishayisw­e yiGcokama Elisha emgwaqweni u-N3
Isithombe: SITHUNYELW­E ISILWANE esishayisw­e yiGcokama Elisha emgwaqweni u-N3
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa