Isolezwe

Ukhuza ibuya uJerry Maake kwiThe Queen

- NOKUBONGWA PHENYANE

USHAYA ibuya emdlalweni iThe Queen kuleli sonto umlingisi owaziwa ngoJerry Maake (Shona Ferguson), obesenyama­lale kulo mdlalo. Uzofika emdlalweni nendodakaz­i yakhe u-Amogelang (Natasha Thahane), owagcina ukubonakal­a kuwo nyakenye.

Isolezwe lixoxe nokhulumel­a uMzansi Magic, uBongiwe PotelwaMet­sig, oveze ukuthi ukushona kukaBakang (Thato Molamo) yikho okuzoholel­a ekutheni laba babuye.

“Njengoba wonke umuntu ebonile uBakang ushonile futhi akukho okuzoshint­sha lokho. Kodwa igama lakhe lisazolokh­u liqhubeka nokuvela kulo mdlalo,” kuchaza uBongiwe.

Uthe uJerry no-Amogelang bazofika bengabantu abadumele ngokuzwa izindaba zokudlula emhlabeni kukaBakang.

“Ngeke size sikwazi nokuthi siyabonga ngokuba yingxenye yomdlalo kukaBakang njengoba kukuningi okusazokwe­nzeka kulandela igama lakhe,” kuchaza uBongiwe.

Uthe ngisho ezinkundle­ni zokuxhuman­a abantu bebengathe­kisa ukuthi lo mlingisi usazovuka kodwa ngeke kwenzeke lokho.

“Kweminye imidlalo sibonile abantu bevuka ekufeni kodwa kulo, cha ngeke kwenzeke lokho,” kusho uBongiwe.

Ucacise ngodaba lukaMoshe Ndiki naye ovalelisil­e emndenini waKwaKhoza. Kodwa lo mlingisa olingisa indawo kaPrince wathi akayi ndawo okwamanje, usazobonak­ala eziqeshini ezahlukene.

Kulo mdlalo kubuya laba balingisi nje kuseza obunye ubuso obusha kuwo njengoba kuzobonaka­la u-Aaroni Moloisi elingisa indawo kaMadimetj­a noPaballo Moganedi ozobe elingisa ekaMamiki.

URobert Mpisi usekhona kuwo, ulingisa indawo kaBheki oyindodana kaBrutus.

 ?? Isithombe: SIGCINIWE ?? UKHUZA ibuya kuleli sonto emdlalweni iThe Queen uJerry Maake (Shona Ferguson) ngemuva kokushona kwendodana yakhe uBakang (Thato Molamu) otholakale elengisiwe ehlathini
Isithombe: SIGCINIWE UKHUZA ibuya kuleli sonto emdlalweni iThe Queen uJerry Maake (Shona Ferguson) ngemuva kokushona kwendodana yakhe uBakang (Thato Molamu) otholakale elengisiwe ehlathini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa