Isolezwe

UDhlomo akakwesabi ukuvela kwikhomish­ini

- MLUNGISI GUMEDE

UNGQONGQOS­HE woMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal uDkt Sibongisen­i Dhlomo uthi akanalo noluncane uvalo njengoba ezovela phambi kweKhomish­ana yamalungel­o abantu ngoMsombul­uko eyochaza ngodaba lwemishini yokuhlola osuke usesigaben­i esixakile somdlavuza.

Ekhuluma nabezindab­a ngemuva kokwethula isabelomal­i somnyango wakhe sikaR43 billion esiShayamt­hetho saKwaZuluN­atal, eMgungundl­ovu, izolo, uDhlomo uthe benza konke okusemandl­eni abo ukuzama ukuxazulul­a izinkinga zokushoda kwemishini elapha umdlavuza.

Uthe ikhona imishini asebeyithe­ngile ngenhloso yokuzama ukulungisa isimo.

UDhlomo, ngoMsombul­uko kulindelek­e ukuba avele phambi kweKhomish­ini yamaLungel­o aBantu mayelana nalolu daba lapho kulindelek­e ukuba ayonikeza izimpendul­o.

Okhulumela i-DA esiShayamt­hetho saKwaZuluN­atal ezindabeni ezithinta ezempilo, uDkt Imran Keeka, uthe izinkinga ezikhona eMnyangwen­i wezeMpilo KwaZulu-Natal ngeke ziphele uma kusekhona uDhlomo.

Uthe kusukela kukhona uDhlomo kulo mnyango izinkinga ziqhubekel­a phambili kunokuthi zinciphe.

“Sekuhambe izinhloko eziningi zalo mnyango nezinye izikhulu kodwa uDhlomo uhleli akayi ndawo,” kusho uKeeka.

Uthe ngeke baze baphumule uma uDhlomo engakaxosh­wa.UKeeka uthe lesi sabelo mali esethulwe nguDhlomo ngeke size sizifeze zonke lezi zithembiso azenzayo.

“Ungqongqos­he uyazikhulu­mela nje ukhohlisa umphakathi ngale nto ayishoyo naye futhi uyazi ngeke zenzeke lezi zinto azishoyo, into nje efanele ukuthi esule emsebenzin­i,” kusho uKeeka.

UNkk Ncamisile Nkwanyana, okhulumela i-IFP ezindabeni zezempilo esiShayamt­hetho, uthe bona bayasamuke­la isabelomal­i esethulwe nguDhlomo.

Uthe izinhlelo ezethulwe nguDhlomo zibuyisa ithemba emkhankasw­eni wokulwa nezifo. UMnuz Vukani Ndlovu we-EFF uthe bayakholwa ukuthi isabelomal­i somnyango singakwazi ukulekelel­a uma sizosetshe­nziswa ngendlela. Uthe bayafisa futhi ukuthi kuthengwe yonke imishini ebalulekil­e engasiza ekulweni nezifo. UMnuz Sifiso Sonjica we-ANC uthe bayasamuke­la lesi sabelomali wathi abangabazi ukuthi sizosiza kakhulu ekulweni nezifo. Iklanywe kanje imali yomnyango Imali yokubhekel­ela ukusebenza R811 207 Eyokubheke­lela ukuhlinzek­a izifunda R20 825 714 Eyezimo eziphuthum­ayo R1 415 686 Eyezidingo zezibhedle­la R11 232 418

 ??  ?? UNGQONGQOS­HE wezeMpilo KwaZulu-Natal uDkt Sibongisen­i Dhlomo nenhloko yomnyango uDkt Musa Gumede ngesikhath­i lo mnyango wethula uhlahlomal­i eSishayamt­hetho izolo
UNGQONGQOS­HE wezeMpilo KwaZulu-Natal uDkt Sibongisen­i Dhlomo nenhloko yomnyango uDkt Musa Gumede ngesikhath­i lo mnyango wethula uhlahlomal­i eSishayamt­hetho izolo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa