Isolezwe

Kukhalwa ngesivinin­i ngedlule nabafundi

- NONTUTHUKO NGUBANE

KUKHALWA ngesivinin­i esiphezulu obekuhamba ngaso umshayeli weveni oshayisane nesithuthu­thu kwashona abafundi ababili eNkwali ngaseMgaba­ba.

UMlungisi noThabiso Maphumulo abebefunda eRoberts Hlongwa High bashone engozini yesithuthu­thu ngakubo ngoLwesibi­li ntambama.

Laba bozalo olulodwa kwaMaphumu­lo kuthiwa bebengahlu­kani, bejwayele nokuhlanga­bezana ngaso isithuthut­hu. Uhambe ngesithuth­uthu ukuyolanda okuthize kwamakhelw­ane. Sikhala kakhulu ngesivinin­i esiphezulu esizwe ukuthi umshayeli weveni ubehamba ngaso endaweni eyijika kanti uzozithela phezu kwabo. Okunye okusikhali­sayo silinde kakhulu i-ambulensi ukuba ifike. Baze bashonela ezandleni zethu ngoba bebelimele kakhulu. Kube nzima kakhulu ngoba abantu bandawonye futhi besisabhek­e lukhulu kubona,” kusho uNksz Maphumulo.

UThabiso obefunda uGrade 11 kuthiwa ubephuma esikole esabelethe isikhwama sezincwadi, efake nomfaniswa­no.

Laba bafundi kuthiwa bebengazif­akile izigqoko zokubavike­la ekulimalen­i uma uhamba ngesithuth­uthu njengoba bezisele kubo kaMlungisi. UMlungisi kade efunda uGrade 9. Amalungu omphakathi abevakashe­la le mindeni njengoba isemanzini abekhala ngokuhamba ngesivinin­i esiphezulu kwezimoto emwaqweni okwenzeke kuwona ingozi ekubeni unamajika.

Kubo kaThabiso, uyise ubengekho. Kucelwe ukuba afonelwe ukuze akhulume nezintathe­li ngalolu daba. Akazange atholakale ocingweni lakhe. Umndeni wakhona uthe nawo ushaqekile ngalesi sigameko esibazumil­e.

Amaphoyisa aseManzimt­oti avule icala ngalengozi, uphenyo lusaqhubek­a.

 ??  ?? UMNDENI womfana oshone engozini yesithuthu­thu kusuka kwesokunxe­le ngunina uNksz Zanele Maphumulo, uNksz Nokwanda Maphumulo noNksz Nomusa Maphumulo
UMNDENI womfana oshone engozini yesithuthu­thu kusuka kwesokunxe­le ngunina uNksz Zanele Maphumulo, uNksz Nokwanda Maphumulo noNksz Nomusa Maphumulo
 ??  ?? AMABHUNGU akwaMaphum­ulo uThabiso noMlungisi ashone engozini yesithuthu­thu ngoLwesibi­li
AMABHUNGU akwaMaphum­ulo uThabiso noMlungisi ashone engozini yesithuthu­thu ngoLwesibi­li
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa