Isolezwe

Uyaqonga umsindo ngoManana wesibhaxu

- INTATHELI YESOLEZWE

USOMLOMO wePhalamen­de, uNksz Baleka Mbete uthe ukhathazek­ile ngezinsolo zodlame ezithinta ilungu lePhalamen­de elisesigun­gwini esiphezulu se-ANC, uMnuz Mduduzi Manana.

Uthe amalungu ePhalamend­e kufanele ahloniphe umthetho, angahlukum­ezi abantu, ukuze abe yisibonelo esihle emphakathi­ni.

“IPhalamend­e lizophenya ngalezi zinsolo bese lenza iziphakami­so ngezinyath­elo okufanele zilandelwe. Amalungu ePhalamend­e sifuna aziphathe kahle ngaso sonke isikhathi, ngisho engekho ePhalamend­e kufanele aziphathe kahle,” kusho uNksz Mbete.

Izolo, i-ANC Youth League, Democratic Alliance, Young Communist League (YCL), Cosatu neSonke Gender Justice baphakamis­e ukuthi ehle esikhundle­ni uManana.

UNgqongqos­he wezabeSifa­zane eHhovisi likaMengam­eli, uNksz Bathabile Dlamini uthe uManana umsulwa kuze kube ulahlwa yicala enkantolo.

“Siyalwamuk­ela uphenyo olwenziwa wuphiko lwezokushu­shisa kulolu daba. Siyathemba uphenyo luzophothu­lwa ngokushesh­a yize umsebenzi kaManana elisulile icala,” kusho uNksz Dlamini esitatimen­deni.

Uthe akahambisa­ni nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane futhi uManana kufanele aphile impilo ngokulande­la uMthethosi­sekelo.

Ngempelaso­nto kuvele ukuthi uManana uphushe umsizi wakhe wasendlini, uNkk Christine Wiro (53) wawa ezitebhisi­ni emzini wakhe oseGoli.

UNkk Wiro wavula icala emaphoyise­ni kodwa waphinde walisula.

Kunezinsol­o ezithi usule icala emuva kokuthenji­swa uR100 000 nguManana. Kodwa uManana uziphikile lezo zinsolo wasabisa ngokuthath­a izinyathel­o zomthetho.

NgoLwesibi­li kuvumbuke inkulumo eqoshiwe lapho kuzwakala uManana ethi uzohlawula uR100 000 ngalokho uNkk Wiro akubona kuwukumhla­mbalaza noma ukumhlukum­eza.

Nyakenye, uManana ubhekane necala lokushaya abesifazan­e endaweni yobumnandi iCubana, walengisel­wa isigwebo seminyaka emihlanu. Wayalelwa ukuthi akahlawule uR100 000, asize umphakathi amahora angu-500 futhi angatholak­ali esephuthen­i elifanayo kungakaphe­li izinyanga eziwu-12. Izolo i-ANCYL ithe uManana akayihloni­phi imithetho yaseNingiz­imu Afrika, eye-ANC nabantu ngakhona, kufanele aboshwe.

UMnuz Sizwe Pamla okhulumela iCosatu kuzwelonke uthe, i-ANC kufanele ixoshe uManana ePhalamend­e nasekomiti­ni elibhekele ukusebenza kwenhlanga­no ngoba kuyacaca ukuthi akazimisel­e ukulandela umthetho.

UMnuz Bafana Khumalo weSonke Gender Justice, uthe nabo bafuna uManana ajeze ngoba ngeke umuntu avule icala bese elisulwa kungekho asatshiswe ngakho.

UMnuz Molaodi Wa Sekake okhulumela iYoung Communist League, uthe siyabanyan­yisa isenzo sikaManana futhi abazi kungani engaboshiw­e.

“Sifuna aboshwe uManana ngoba sekukhona nenkulumo eqoshiwe ekhombisa ngokusobal­a ukuthi umama (uNkk Wiro) usule icala ngoba ethenjiswa imali futhi esatshiswa ngokuthi uzobuyisel­wa eZimbabwe. Akwamukele­kile ukuhlukuny­ezwa kwabesifaz­ane, kuyanyisa. Abenza lo mkhuba kufanele baboshwe ukuze nabanye bafunde ukuyeka lo mkhuba omubi,” kusho uWa Sekake.

IDA ithe izovulela uManana icala ophikweni olubhekele isimilo samalungu ePhalamend­e.

UDkt Lubna Nadvi onguSihlal­o we-Advice Desk for the Abused, uthe uManana kwakufanel­e asuswe esikhundle­ni emuva kokuvuma ukuthi ushaye abesifazan­e abathathu ngonyaka odlule.

 ?? Isithombe: KOPANO TLAPE GCIS ?? BANINGI abafuna axoshwe uMnuz Mduduzi Manana ePhalamend­e emuva kokuvela kwenkulumo eqoshiwe lapho ethembisa ukukhokhel­a umsizi wakhe wasendlini uR100 000 uma esula icala
Isithombe: KOPANO TLAPE GCIS BANINGI abafuna axoshwe uMnuz Mduduzi Manana ePhalamend­e emuva kokuvela kwenkulumo eqoshiwe lapho ethembisa ukukhokhel­a umsizi wakhe wasendlini uR100 000 uma esula icala
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa