Isolezwe

Uyagoloza ukuphuma ehhovisi lobumeya uDe Lille

- MARY JANE MPHAHLELE

UQHUBEKILE nomsebenzi wakhe wobumeya uNkk Patricia De Lille njengoba ebekhuluma emcimbini wesidlo sasekuseni obuhlelwe yiCape Times, yize iDA ihoxise ubulungu bakhe ngoLwesibi­li.

UNkk De Lille uphucwe ubulungu beDA ngoba kuthiwa wazisholo ukuthi uzosula eqenjini uma esewine icala alifake enkantolo.

Izolo uNkk De Lille uthe ufuna kube yinkantolo ethatha isinqumo ngezinsolo azibekwe yiDA nangesinqu­mo sayo sokumxosha ngokungemt­hetho.

“I-DA ihoxise ubulungu bami njengeqemb­u lepolitiki okusho ukuthi ngisazoqhu­beka nokuba yimeya yaseCape Town kuze kube inhlangano yokhetho yaziswa ukuthi kunesikhal­a somsebenzi wami. Okwamanje angikakats­helwa ukuthi angiseyona imeya ngoba ngiye enkantolo. Sengithemb­e umthetho ukuthi uxazulule le nkinga,” kusho uNkk De Lille.

Utshele abantu ukuthi inkinga yaqala ngesikhath­i ethula uhlelo lokushints­ha ukwakhiwa kwezindlu ukuze abantu bahlale beyizinhla­nga ngokwahluk­ana.

“Kuneziqeph­u zomhlaba ezingu-11 eSalt River, Woodstock, nasenkaben­i yeCape Town esifuna ukuthi kwakhiwe kuzo izindlu. Sinohlelo lokuqeqesh­a abantu abangaphez­u kuka-100 esibahlomi­sa ngamakhono okwakha, awokuba wo-plumber nokunye. Inhloso wukuthi basebenze ezinhlelwe­ni zokwakhiwa kwezindlu ezizohlali­sa bonke abantu baseCape Town,” kusho uNkk De Lille.

Uthe ubudlelwan­o bakhe neDA bumosheke ngo-2014 ngesikhath­i ethula izinhlelo zoguquko kuMasipala waseCape Town.

UNkk De Lille uthe uMnuz Dirk Smit umthumelel­e incwadi ebimtshela ukuthi akufanele asebenzise izimoto zikamasipa­la nezinye izinsiza zawo ukuhambela imicimbi ngoba utshelwe ukuthi makaphume ehhovisi lakhe ngoMeyi 10 (namhlanje).

USmit uqhube wathi uNkk De Lille kufanele ahambe ehhovisi futhi abuyise okhiye bakamasipa­la nayo yonke impahla kamasipala engakuye.

Ekhuluma ne-Independen­t Media, uSmit uthe:“Utsheliwe ukuthi akaphume ehhovisi kodwa akakwenzan­ga lokho, yonke impahla yakhe okuhlangan­isa nefenisha isekhona. Kubambe uMnuz Ian Neilson esikhundle­ni semeya.”

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa