Baphezu kokubuyisa abakwaGupta
UMQONDISI wokushushiswa kwamacala kuzwelonke, u-Adv Shaun Abrahams, uthe basebenzisana namanye amazwe ukubuyisa umndeni wakwaGupta nendodana yobenguMengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, uDuduzane ukuze baziphendulele ngezinsolo zokusebenzisa umbuso.
“Sisebenzisana namanye amazwe aphenya umndeni wakwaGupta ukuqinisekisa ukuthi uyabuya ukuzoziphendulela ngezinsolo zokusebenzisa umbuso ukufeza izinhloso zawo. Siyamfuna noDuduzane,” kusho u-Adv Abrahams.
Usho lokhu ePhalamende ehambisana noNgqongqoshe wezobuBulungiswa nokuHlunyeleliswa kwezimilo uMnuz Michael Masutha, nePhini likaNgqongqoshe wezoMthetho nokuThuthukiswa koMthethosisekelo uMnuz John Jeffreys.
U-Abrahams uthe umqondisi wezokushuhisa eLimpopo unamandla okubuyisa amacala okukhwabanisa kumholi we-EFF, uMnuz Julius Malema hhayi i-AfriForum.
Ngo-Ephreli i-AfriForum imemezele ukuthi izoshushisa uMalema noDuduzane.
“Kunecala elilodwa elashushiswa ngabazimele eWestern Cape kwakuyicala lokubulala. Icala le-On-Point Engineering lahoxiswa. Laphinde lavulwa laphenywa, kwathintwa ofakazi,” kusho u-Abrahams.
UMasutha uthe sandile isibalo samajaji amnyama, wathi seyakhiwe inkantolo yaseMpumalanga futhi uyaqhubeka nomsebenzi wokuthuthukisa izinkantolo ezingu-45 ezweni jikelele kodwa izintatheli bezifuna ukukhuluma no-Abrahams.
Zibuze u-Abrahams ukuthi uphi uDuduzane nezilamani zakwaGupta nokuthi azoshushiswa nini amadoda amathathu okutholakale ukuthi abulala isishoshovu somzabalazo uMnuz Ahmed Timol, owashona eboshiwe.
Uthe zikhona izinhlelo zokubeka amacala amadoda amathathu athinteka ekufeni kukaTimol.
U-Abrahams uthe iNPA izobheka amacala angu-15 avela kwikhomishini yokubuyisana okukhona kuwo elokubulawa kukaMnuz Neil Aggett owashona eboshiwe, oluthinta ukubulawa kwezishoshovu zaseCradock olubizwa ngeCradock Four okukhona kuzo uyise wentatheli yakwaSABC uMnuz Lukhanyo Calata.
“Sizowazisa umphakathi ngokwenzekayo ngoba sizowavusa amacala ayengaxazuulwanga,” kusho u-Abrahams.