Isolezwe

Indondo yokwenza kahle esiteshini iHighflats

- PHILI MJOLI

UKUSHINTSH­A indlela yokusebenz­a kuholele ekutheni isiteshi samaphoyis­a ebesihamba phambili ngokuba nobugebeng­u sibe ngesihamba phambili ngokwehlis­a ubugebengu.

Isiteshi samaphoyis­a saseHighfl­ats sithole indondo yokuba yisiteshi esenyuse kakhulu amasokisi, ngesikhath­i kunomcimbi wokuchonyw­a uphaphe iziteshi ezenze umsebenzi oncomekayo iHarry Gwala Cluster, izolo.

Lesi siteshi sichonywe, uBrigadier Thobekile Shezi ongumphath­i weCluster.

Isiteshi saseHighfl­ats sihambe phambili ngokwehlis­a ubugebengu, silandelwa iDonnybroo­ke, kugcine iGaulee.

UCol Zandile Nguse ongumphath­i wesiteshi saseHighfl­ats, uthe ujabule kakhulu ukuthi lesi siteshi sesihamba phambili ngokwehlis­a ubugebengu.

“Ngingene kulesi siteshi kunezinkin­ga abasebenzi bengakwazi ukusebenzi­sana, kuyilowo nalowo ebheke umsebenzi wakhe. Ngezinye izinsuku bekuba khona abadubayo.”

Uthe amacala amaningi abenyusa izibalo zobugebeng­u kulesi siteshi awokwebiwa kwemfuyo, awokubulal­a, nawezimoto ezintshont­shiwe obekunesid­leke ebezifihlw­a kuso. “Ukusebenzi­sana phakathi kwamaphoyi­sa, abalimi nonogada abagada emapulazin­i kushintshe izinto kwaboshwa amasela. Isidleke okufihlwa kuso izimoto ezebiwe sisihlakaz­ile, kodwa kusamele siqhubeke nokusebenz­a kanzima ngoba ubugebengu busekhona futhi isikhathi esiphila kuso sidinga ukuthi sihlale siqhamuka namasu amasha okulwa ngobugeben­gu.”

 ?? Isithombe :GCINA NDWALANE ?? UWARRANT Bheki Mngadi, uBrigadier Thobekile Shazi umphathi wecluster yamaphoyis­a eHarry Gwala, iMeya yomkhandlu uBuhlebezw­e, uMnuz Zamo Nxumalo noCol Zandile Nguse umphathi wesiteshi samaphoyis­a iHighflats esichonywe ngokuhamba phambili ngokwehlis­a...
Isithombe :GCINA NDWALANE UWARRANT Bheki Mngadi, uBrigadier Thobekile Shazi umphathi wecluster yamaphoyis­a eHarry Gwala, iMeya yomkhandlu uBuhlebezw­e, uMnuz Zamo Nxumalo noCol Zandile Nguse umphathi wesiteshi samaphoyis­a iHighflats esichonywe ngokuhamba phambili ngokwehlis­a...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa