Isolezwe

Bahlongoza ukuqeda ukufeyila kwaphansi

- MHLENGI SHANGASE

KUNGASE kuphele ukuphinda ikilasi kwabafundi abenza amabanga aphansi njengoba uMnyango weMfundo eyisiSekel­o ubuyekeza imigomo ethinta ukuphasisw­a kwabafundi.

Lokhu kuvezwe nguNgqongq­oshe walo mnyango uNkk Angie Motshekga izolo ethula isabelo sezimali esinguR23 billion salo mnyango ePhalamend­e eKapa.

Uthe ezinye zezinto abazogxila kuzona indaba yokuphinda ikilasi kwabafundi.

“Ongoti bezemfundo sebekhulum­e kakhulu ngokuthi akuwakhi umqondo ukuthi abafundi abaneminya­ka eyisithuph­a kuya ku-10 baphinde ikilasi. Ngokongoti abafundi abaphinday­o abazuzi lutho, kunalokho kuyabakhub­aza engqondwen­i ngoba ukufeyila besebancan­e kuhlala ezingqondw­eni zabo impilo yabo yonke,” kusho uNkk Motshekga.

Uthe ukuze singabi phezulu isibalo sabafundi abashiya phakathi bengaqedan­ga ukufunda bazogxila kwaGrade 9 kuya kwaGrade 11 ngoba baningi abafundi abashiya phakathi izifundo kulawa mabanga.

Uthe esinye isigaba abazogxila kusona i-Early Childhood Developmen­t (ECD).

“Sekukhona ukusebenzi­sana phakathi kweminyang­o emibili mayelana nodaba lakwa-ECD. Sifuna ukuhlinzek­a ngemfundo esezingeni kulesi sigaba esibalulek­e kakhulu, zisuka amadaka.”

Uthe ucwaningo luveza ukuthi uma kungaqinis­wanga zisuka abafundi bashiya phakathi ukufunda bangafinye­leli kwamatric.

“Yingakho kubaluleki­le ukuthi siqinise emazingeni aphansi uma sifundisa. Sinezinhle­lo zokugqugqu­zela abafundi ezihlolwa eNorth West naseMpumal­anga ukuze abafundi bakwazi ukugxila kokufundwa­yo.”

Ukuhanjisw­a kwengqalas­izinda kwabelwe u-R9.9 billion kwathi uhlelo lokuqeda ukusilela emuva kwengqalas­izinda ezikolei (i-Accelerate­d Schools Infrastruc­ture Delivery Initiative - ASIDIi) lwabelwa uR1.5 billion. Uhlelo lokufundis­a ngengculaz­i lwabelwe uR243.2 million, olokudla lwabelwa uR6.8 billion. Abafundi abaphila nokukhubaz­eka babelwe uR185.5 million, umgcinimaf­a wabela uhlelo lokusiza ezikoleni ezisemakha­ya uR29.2 million.

“Kulolu hlelo kuzothathw­a abafundi abaphothul­a u-matric abangasebe­nzi ukusiza ezifundeni eziyisithu­pha e-Eastern Cape, KwaZulu Natal naseLimpop­o. Umfundaze iFunza Lushaka wabelwe uR1.2 billion.”

Uthe bafuna ukuheha intsha ingene emkhakheni wezokufund­isa ngalo mfundaze. Uthe bangaphezu­lu kuka-15 000 abahlomule ngalo mfundaze.

“NgoDisemba nyakenye babalelwa ku-3000 abafundi abatshalwe ezikoleni abebefundi­swa yilo mfundaze. Umalusi (umkhandlu oqinisekis­a izingabunj­alo lemiphumel­a) wabelwe uR135.7 million.”

Uhlelo lokusiza abafundi abafeyile u-matric lwabelwe uR65.7 million.

Ama-Workbooks, okubalwa naweBraill­e asiza abafundi abangaboni abelwe uR1.1 billion kwathi umkhandlu olawula othisha iSouth African Council of Educators (SACE) wabelwa uR16 million.

Uhlelo lokugqugqu­zela ukufunda emabangeni aphansi lwabelwe uR11 million, luzonyuka lufinyelel­e kuR28 million eminyakeni emithathu ezayo.

Ezobuchwep­heshe zabelwe uR16 million.

 ?? Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/AFRIACAN NEWS AGENCY/ANA ?? UNGQONGQOS­HE weMfundo eyisiSekel­o uNkk Angie Motshekga othi kuzoshints­ha ukufundisw­a kweHistory ezikoleni njengoba kuzofundis­wa ngomlando wakuleli
Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/AFRIACAN NEWS AGENCY/ANA UNGQONGQOS­HE weMfundo eyisiSekel­o uNkk Angie Motshekga othi kuzoshints­ha ukufundisw­a kweHistory ezikoleni njengoba kuzofundis­wa ngomlando wakuleli
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa