Isolezwe

Bakhala ngempatho engeyinhle abengqephu

- BONISWA MOHALE

BAKHALA ngempatho engeyinhle abasiki bengqephu baseThekwi­ni abaveze ukuthi bakhacwa yizikhulu zenkampani ehlela iDurban Fashion Fair (DFF) zibabize ngezidomu namanye amagama ayiziswana.

Laba basiki bengqephu baphinde baveza ukuthi yize iDFF kuwumbukis­o wengqephu waseThekwi­ni kodwa uhlelwa yinkampani yaseCape Town efika nabantu bayo ingabanike­zi amathuba omnotho abantu baleli dolobha.

Abasiki bengqephu batshele Isolezwe ukuthi uma bekhala ngempatho engeyinhle ezikhulwin­i zeDFF bavele basatshisw­e ngokuthi ngeke baphinde bamenywe bazosala “ezintweni”.

“Kudala sikhala kubaphathi beDFF kodwa basisabise ngokuthi ngeke sisamenywa. Abanye ozakwethu abasakhang­isi ngenxa yokuzwakal­isa izikhalo zabo. Ngonyaka odlule kuqokwe inkampani yaseCape Town ukuthi ihlele iDFF, siyafa wukuthukwa ngoba abanikazi bayo basibiza ngezidomu. Siphathisw­a okwezilwan­e kodwa abasiki bengqephu abavela kwezinye izifundazw­e baphathisw­a okwamaqand­a,” kusho omunye umsiki.

Uveze ukuthi into eyenza abasiki bengqephu baseThekwi­ni bahambe kuleli dolobha wukungahlo­nishwa nokuphathw­a kabi.

“Sihlonishw­a eGoli kwiSA Fashion Week ngenxa yethalente lethu elithathwa kancane eThekwini. Asazi ukuthi kuhlomula bani ngokuqokwa kwenkampan­i yaseCape Town zibe zikhona izinkampan­i ezihlela imicimbi esezingeni eThekwini. Abantu baseThekwi­ni abahlomuli ngokwanele kwiDFF ngoba awekho amakhono abawathola­yo. Baqashwa ukuthi baqoqe amathikith­i nokuthi bamukele abantu,” umsiki wengqephu.

UMnuz Mandla Nsele oyiPhini leNhloko yoPhiko lwezokuXhu­mana kuMasipala weTheku, uthe iDFF yindawo yawo wonke umuntu osemkhakhe­ni wengqephu kungakhath­aleki ukuthi uwuhlobo luni.

Uthe maningi amabhizini­si abantu abamnyama asebenza kwiDFF futhi kunemiband­ela ethile edingeka enkampanin­i esuke izophatha umsebenzi weDFF.

Uveze ukuthi eminyakeni emithathu edlule bekusebenz­a inkampani ebiyilande­la yonke imibandela nezidingo ezibekiwe.

Uthe abasiki bengqephu bayamenywa ukuthi bazokhangi­sa ngokuthi kufakwe izikhangis­o ephephanda­beni likamasipa­la Ezasegagas­ini, ezinkundle­ni zokuxhuman­a nakwiwebsi­te yomkhandlu.

Uthe akusilo iqiniso ukuthi iDFF iphethwe ngabantu bolunye uhlanga baseCape Town ngoba eminyakeni edlule ibiphethwe yinkampani yomuntu omnyama.

“Inkampani yaseCape Town iqokwe ngonyaka odlule futhi bekuyiyona kuphela inkampani efake isicelo somsebenzi ebinakho konke obekudinga­kala. Asikwazi ukudalula inkampani eqokiwe ngoba kusalungis­wa izinhlelo zokusebenz­a kwayo.”

Uthe kuyaphoxa ukuthi kunabantu abathi iDFF ayibahlomu­lisi ngalutho abasiki bengqephu nabantu baseThekwi­ni ngoba lokho akusilo iqiniso.

“Umasipala wenza uhlelo lweDFF ukuqinisek­isa ukuthi abasiki bengqephu bathuthuki­sa amakhono abo bathole namathuba okukhangis­a umsebenzi wabo. Bayiswe koMilan namanye amazwe. Kuphinde kuvumbulul­we amakhono abakhangis­i bengqephu. Abasiki bengqephu sibasizile ngokubavul­ela amathuba ezimakethe eThekwini nangaphand­le kwesifunda­zwe. Abasiki bengqephu kufanele basebenze ngokuzikha­ndla ngoba sisuke sesibahlom­ise ngawo wonke amakhono abawadinga­yo ukuze baphumelel­e,” kusho uNsele.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa