Isolezwe

Owe-ANC ulale ebaliwe ngecala lokushaya

- ANA

LILALE libaliwe ikhansela le-ANC eNelson Mandela Bay, u- Andile Lungiswa ogwetshwe iminyaka emibili ebhadla ejele kwalengisw­a owodwa.

ULungisa ubehlela ukusidluli­sa isigwebo senkantolo kodwa akazange aphumelele njengoba inkantolo isichithil­e isicelo sakhe.

Ngo-2016, uLungisa washaya ilungu lesigungu sakwamasip­ala, uMnuz Rano Kayser ngojeke wengilazi emhlanganw­eni wesigungu sikaMasipa­la waseNelson Mandela Bay. UKayser wasala emabokobok­o ekhanda nasemqalen­i kanti nezithombe zakhe zagcwala ezinkundle­ni zokuxhuman­a njengoba elinye lamalungu alalikhona lasiqopha lesi sigameko.

I-video eyaqoshwa yikhansela uMnuz Renaldo Gouws leDA, likhombisa uLungisa egqema uKayser ekhanda, ibiyingxen­ye yobufakazi obethuliwe enkantolo.

Ngesikhath­i igweba uLungisa, iMantshi uMnuz Morne Cannon, ithe ikuqapheli­le ukuthi lesi sigameko sashiya uKayser elimele kanzima futhi sabeka impilo yakhe engcupheni.

UKayser uveze ukuthi ngemuva kwalesi sigameko ube nenkinga yokukhohlw­a izinto kalula.

“Namanje usasho ukuthi uphathwa yikhanda elinzima aphinde akhohlwe izinto kalula, noma sekuphele iminyaka emibili senzeka isigameko. Ngisho udokotela uthe kuyinhlanh­la ukuthi usaphila,” kusho uCannon.

Ngemuva kwesigwebo uLungisa uthe uyasamukel­a futhi ayisihloni­pha isinqumo senkantolo.

Okhulumela iDA e-Eastern Cape, uMnuz Mlindi Nhanha, uthe iqembu lijabule ngesinqumo senkantolo.

“Silahlekel­we ngomunye wosopoliti­ki abaqavile e-Eastern Cape, okuyinto edabukisay­o. Kodwa ke imantshi namhlanje ithumele umyalezo wokuthi umthetho usebenza kubo bonke abantu. Siyethemba lo myalezo uzofinyele­la kumalungu e-ANC eNelson Mandela Bay, ubugebengu abunandawo emphakathi­ni,” usho kanje.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa