Ugidlabeze ucwaningo ngezindodla zemali
UMNYANGO wezeSayensi nezobuChwepheshe usubeke uR4.4 billion ukuze uthuthukise ezocwaningo kuleli.
Kule mali uR1.4 billion ubekelwe abafundi abangu-108 000 abenza iziqu zeHonours neMasters, abangu-3 100 abenza iziqu zobudokotela iPhD, abangu-4 500 ngabenza ucwaningo bese kuthi abangu-690 abasaqeqeshwa.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe walo mnyango uNkk Mmamoloko Kubayi-Ngubane, ethula isabelo sezimali sikaR7.8 billion somnyango.
Uthe iNational Research Foundation isebenzisana nesikhwama esixhasa abafundi ngezimali emanyuvesi nasemakolishi, iNational Student Financial Aid Scheme ukuze abafundi bathole uxhaso.
Uqhube wathi uhlelo abalwenza nale nhlangano lutshale uR82.5 million ukuze kusizakale abesifazane abamnyama ukuthi baqhube iziqu zabo ezikhungweni zemfundo.
“Sibeke umgomo wokuthi u-90% kumele kube abamnyama, u-10% kube amaNdiya bese kuthi abanye kube amaKhaladi nabaphila nokukhubazeka. U-55% woxhaso uya kwabesifazane,” kusho uNkk Kubayi-Ngubane.
Uthe bazogxila ezinhlelweni ezizoletha izinguquko kwezokucwaninga.
Uqhube wathi babele isikhungo sezocwaninga emkhathini, iSKA Radio Astronomy uR2.2 billion.
“Sizotshala uR186 million eminyakeni emithathu ukwenza ucwaningo lwezinto ezithinta izimayini.
IMandela Mining Precinct eseGoli ebingasetshenziswa, izoba yisizinda sokuthi abacwaningi benze ucwaningo lwezimayini,” kusho Kubayi-Ngubane.
Uthe umkhakha wezimayini uzotshala uR33 million kulo mkhankaso.
ISouth African National Space Agency yabelwe uR138 million; iTechnology Innovation Agency uR420 million; i-Academy of Sciences of South Africa uR25,7 million; National Research Foundation uR904,8 million kwathi iCouncil for Scientific and Industrial Research yabelwa uR963,2 million. IHuman Sciences Research Council yabelwa uR303,7 million.
Uthe ngoJulayi bahlela ukukhipha umbiko wocwaningo ngengculazi obelubheka isibalo sabantu abahaqekile muva nje, isibalo sabadla imishanguzo, sibheke izimo ezenza abantu basulelekile nokudla utshwala nezidakamizwa.