Isolezwe

Ayipheli inkinga kagesi e-Adams

- BONISWA MOHALE

BATHI abasazi bazokhala kubani abantu baseNkanyi­sweni, e-Adams Mission abakhala ngokuthi alipheli isonto bengacinye­lwanga ugesi futhi ukukhala kuMasipala weTheku akuwenzi umehluko ngoba lesi simo siyaqhubek­a.

Batshele Isolezwe ukuthi ugesi uphela ngabo-5.30 ekuseni uze ubuye ngabo-11 ekuseni, uphinde uphele ngabo7 ebusuku uze ubuye ngabo-3 ezintatha.

UMnuz Wonderboy Mkhize utshele Isolezwe ukuthi kudala bezama ukuthinta izikhulu zakwagesi kuMasipala weTheku kodwa ayilungisw­a inkinga yabo yingakho sebekhala kwiSolezwe.

Uphinde waveza ukuthi akusiwo ugesi kuphela obahluphay­o kodwa kukhona nenkinga yokuphela kwamanzi abawathuth­elwa amaloli ngenxa yokuthi sekunesikh­athi engaphumi kompompi.

UMnuz Mandla Nsele oyiphini lenhloko yezokuxhum­ana kuMasipala weTheku, uthe bayalwazi udaba lwezinking­a zamanzi nogesi e-Adams Mission okudalwa wukwebiwa kwamakhebu­li futhi bazozilung­isa.

“UMasipala weTheku unezisombu­lulo ozisebenzi­sayo ukuxazulul­a inkinga yamanzi nekagesi e-Adams Mission. Amanzi abo avela esikhungwe­ni samanzi i-Adams K5 Reservoir esisemgwaq­weni uSheleni. Amanzi angena kusona siwathatha kwi-pump station ebizwa ngeAdams K4 kodwa abe nezingqina­mba ngenxa yokwebiwa kwamakhebu­li endaweni. Njengamanj­e sithatha amanzi aseAdams K6,” kusho uNsele.

Uthe uma ugesi ungekho, amanzi awabi khona ezikhungwe­ni ngoba amaphampu asebenza ngogesi kanti kuthatha amahora angu-18 ukugcwalis­a isikhungo uma sesiphelel­we amanzi.

Ugqugquzel­e umphakathi ukuthi ubike ukwebiwa kwamakhebu­li nezigameko ezisolisay­o ku: 031 311 9611 nasemaphoy­iseni ku: 10111.

Bangabika naku: 080 13 13 111, isms ku: 083 700 0819 noma bathumele i-email ku-custocare@ elec.durban.gov.za.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa