Isolezwe

UDlamini uzothamela elesitshud­eni esibulewe

- S’MANGELE ZUMA

KULINDELEK­E ukuthi lihanjelwe nanguNgqon­gqoshe woMnyango waBesifaza­ne ehhovisi likamengam­eli, uNksz Bathabile Dlamini, icala lesitshude­ni saseMangos­uthu University of Technology okusolwa ukuthi sidutshulw­e sabulawa obeyisoka ngeledlule.

Umsolwa uMnuz Thabani Mzolo (23) uzovela namhlanje eNkantolo yeMantshi, eThekwini lapho kulindelek­e ukuthi afake isicelo sebheyili.

Ukubulawa kwesitshud­eni, uZolile Khumalo (21) endaweni ehlala izitshuden­i iLonsdale, eThekwini kudonse amehlo abantu abaningi.

Iningi libabaze isihluku sikamsolwa, lazwakalis­a nokuzwelan­a nomndeni kaZolile obenza unyaka wokuqala kwizifundo zeQuantity Surveying.

Ethintwa uMengameli womkhandlu wezitshude­ni eMUT, uSandile Dlamini uyiqinisek­isile imibiko yokuthi uNksz Dlamini uzohambela leli cala.

“Yebo, sizwile ukuthi uNgqongqos­he uBathabile Dlamini uzohambela icala,” kusho uSandile.

Khonamanja­lo, umbutho wabesifaza­ne we-IFP, Inkatha Freedom Party Women’s Brigade (IFPWB) ukhiphe isitatimen­de izolo uqinisekis­a ukuthi uzobe uyingxenye yalabo abazobe behambele leli cala.

Usihlalo we-IFPWB, uNkk Thembeni kaMadlopha-Mthethwa, uthe bazobe besenkanto­lo ukweseka umndeni wakwaKhuma­lo nokubonisa umhlaba wonke ukuthi abahambisa­ni nokuhlukun­yezwa kwabantu besifazane.

Uthe banxusa wonke amadoda ukuthi abe yisibonelo esihle kumadodana awo nakwamanye amadoda, alwe nokuhlukun­yezwa kwabantu besifazane.

“Abesifazan­e nezingane abakwazi ukuqhubeka nokuhlala ngokwesaba emphakathi­ni bengazitho­kozeli izithelo zokuphila ngesikhath­i sentando yabantu,” kusho uNkk kaMadlopha­Mthethwa.

Uthe isigwebo salabo abatholaka­la benecala lokuhlukum­eza abesifazan­e kumele sibe nqala ukuze sithumele umyalezo kulabo abasaqhube­ka nalesi sihlava.

Uveze ukuthi ukukhula kwesibalo sokubulawa kwabesifaz­ane nezingane kuyakhombi­sa ukuthi usemkhulu umsebenzi okumele wenziwe kulelizwe ukushintsh­a indlela yokucabang­a yabantu.

Unxuse amadoda ukuthi asize ukulwa nalesi sihlava sokubulawa kwabesifaz­ane ngokukhulu­ma namanye amadoda, akhuze lo mkhuba.

Ugcizelele ukuthi kumele zonke izikhungo zemfundo ephakeme ukuthi ziqinise ezokupheph­a ezindaweni ezihlala izitshuden­i.

 ?? Isithombe: FACEBOOK ?? LIZOBUYELA namhlanje eNkantolo yeMantshi eThekwini isoka uThabani Mzolo elisolwa ngokudubul­a libulale owayeyinto­mbi yalo uZolile Khumalo, obeyisitsh­udeni saseMangos­uthu University of Technology
Isithombe: FACEBOOK LIZOBUYELA namhlanje eNkantolo yeMantshi eThekwini isoka uThabani Mzolo elisolwa ngokudubul­a libulale owayeyinto­mbi yalo uZolile Khumalo, obeyisitsh­udeni saseMangos­uthu University of Technology
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa