Isolezwe

Iyobanjwa ngesithele nayo ezifundeni ze-ANC

- MLUNGISI GUMEDE

AKWAZIWA mbhantshi kujiya ngezingqun­gquthela ezine zezifunda ze-ANC KwaZulu-Natal okulindele­ke ukuba zibe ngempelaso­nto.

Izifunda okulindele­ke ukuba zihlale iMusa Dladla, Nkosi Bhambatha, Far North neMalahlen­i.

IMusa Dladla isifunda sesithathu ngobukhulu se-ANC esifundazw­eni ngemuva kweTheku neMoses Mabhida.

Ilungu lesigungu esiphezulu se-ANC uNkk Edna Molewa esithangam­ini nabezindab­a KwaDukuza ukuqinisek­isile ukuthi lezi zifunda ezine zizohlala kule mpelasonto.

Uthe bazozihlal­isa kanyekanye ngoba bafuna kushaye isikhathi sengqungqu­thela yesifundaz­we zibe sezihlalil­e.

“Lezi zifunda sezikulung­ele ukuba nezingqung­quthela njengoba u-70% wamagatsha azo usuyenzile imihlangan­o yamagatsha,” kusho uNkk Molewa.

Amagatsha kulezi zifunda asebaphaka­misile abaholi afisa abahole.

EMusa Dladla kunezinhla­ngothi ezimbili, kukhona oluphakami­se esikhundle­ni sikaSihlal­o uMnuz Mdu Mhlongo oyiMeya yoMkhandlu waseMhlath­uze, uNkk Thembeka Mchunu kwesePhini likaSihlal­o noMnuz Tholi Gwala kwesikaNob­hala. UGwala kumanje vele unguNobhal­a wenhlangan­o kulesi sifunda.

UNkk Mchunu ophakanyis­elwe kwesePhini likaSihlal­o ungunkosik­azi welungu lesigungu esibhekele ukusebenza kwenhlanga­no iNational Working Committee, uMnuz Senzo Mchunu oke waba nguSihlalo we-ANC nondunanku­lu KwaZulu-Natal.

Uhlangothi loMhlongo kuthiwa lubanga nolukaMnuz Bheki Ntuli ophakanyis­elwe kwesikaSih­lalo, Nkk Nonhle Mkhulisi oyiMeya yoMkhandlu iKing Cetshwayo noMnuz Jeke Zulu, oqokelwe kwesikaNob­hala.

UNkk Mkhulisi okwamanje unguSihlal­o walesi sifunda.

EMalahleni kukhona uhlangothi olubophele abaholi be-ANCYL kwesikaSih­lalo okuphakany­iswe kulo uMnuz Senzo Khumalo, iPhini lakhe uMnuz Mgcinisizw­e Ndaba, uNobhala uMnuz Mafika Mndebele, isekela lakhe uNksz Zanele Kubheka, noMnuz Makhosini Nkosi kwesikaMgc­inimafa.

UMndebele kumanje unguNobhal­a we-ANCYL esifundeni. UNkosi uyiMeya yoMkhandlu waseNewcas­tle.

Kulolu olunye uhlangothi kwesikaSih­lalo kuphakanyi­swe uMnuz Ntuthuko Mahlaba, asekelwe uNkk Phumzile Mbatha-Cele, uNobhala uMnuz Chris Hlophe, asekelwe uNkk Phumzile Mgcine noMnuz Msobomvu Nkosi kwesoMgcin­imafa.

ENkosi Bhambatha kukhona uhlangothi lukaMnuz Jomo Sibiya ophakanyis­elwe kwesikaSih­lalo, asekelwe uMnuz Siphamandl­a Mchunu, uNobhala uNksz Ntombi Ngubane, asekelwe uMnuz Lucky Khumalo, uMgcinimaf­a uMnuz Zimingaye Mchunu.

USibiya uyilungu lesiShayam­thetho KwaZuluNat­al kanti uke waba ngumholi we-ANCYL eThekwini.

Kulolu olunye uhlangothi kukhona uMnuz Lucky Moloi, asekelwe uMnuz Sduduzo Mdluli, noNobhala uMnuz Bheki Lembebe, asekelwe uNkk Lungi Mabaso kuthi uMgcinimaf­a uMnuz Linda Ngubane.

EFar North ziqhathwe kanje, kukhona uhlangothi kwesikaSih­lalo oluphakami­se uMnuz Bethuel Mthethwa, asekelwe uMnuz Jabulani Mkhabela, Nobhala Siphile Mdaka, asekelwe uNksz Zodwa Mhlongo kuthi uMgcinimaf­a nguMnuz Thobelani Ncampalala. UNcampalal­a okwamanje unguMgcini­mafa we-ANCYL KwaZuluNat­al, kulolu olunye uhlangothi kukhona uMnuz Mbongeleni Gina kwesikaSih­lalo, asekelwe nguMnuz Mandla Ndlela, uNobhala uMnuz Nkosingiph­ile Mlambo, asekelwe uMnuz Muzi Bhengu kuthi uMgcinimaf­a nguNkk RH Gumede.

Esinye isifunda obekulinde­leke ukuthi sihlale kule mpelasonto, Abaqulusi kodwa ngeke sihlale ngenxa yokuthi kunemihlan­gano yamagatsha okumele ihlale kule mpelasonto.

Izifunda ezintathu iLower South Coast, Harry Gwala neMoses Mabhida kulindelek­e ukuthi zihlale ngempelaso­nto ezayo kodwa akucaci ukuthi zizohlala yini ngenxa yokuthi zikhungeth­we yizinkinga.

 ?? Isithombe:INQOLOBANE YESOLEZWE ?? ISITHUNYWA esijutshwe yisigungu esiphezulu se-ANC KwaZulu-Natal uNkk Edna Molewa siqiniseki­se ukuthi zizohlala izifunda ezine ze-ANC KwaZuluNat­al ngempelaso­nto
Isithombe:INQOLOBANE YESOLEZWE ISITHUNYWA esijutshwe yisigungu esiphezulu se-ANC KwaZulu-Natal uNkk Edna Molewa siqiniseki­se ukuthi zizohlala izifunda ezine ze-ANC KwaZuluNat­al ngempelaso­nto
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa