Isolezwe

Basola intombi ngokufa kwesoka

- INTATHELI YESOLEZWE

UKHUNGATHE­KILE umndeni wowesilisa okusolwa ukuthi ubulawe yintombi yakhe okuthiwa imgwaze eduze kwendawo yokucima ukoma ehostela laKwaMashu ngempelaso­nto.

UMnuz Zamokuhle Zulu (31) kuthiwa ubeyolanda intombi yakhe ethaveni ngesikhath­i ebulawa. Ushonele emtholampi­lo ngemuva kokuphuthu­nyiswa khona umngani wakhe. Umufi kuthiwa uye kule ndawo yokucima ukoma eyolanda umsolwa ngemuva kokuzwa ukuthi wayeseqome omunye umuntu khona.

Kuthiwa kkube nengxabano phakathi kwalaba bobabili nokuholela ekutheni owesifazan­e asegwaza isoka lakhe.

Umfowabo kamufi, uMnuz Nkosinathi Xulu, uthe basakhunga­thekile ngokushona kukamfowab­o ngoba namanje abazi ukuthi bekubangwa­ni. “Sisadideki­le ngempela siyazibuza siyaziphen­dula ukuthi umfowethu ubebulawel­ani ngoba kwayena lona okuthiwa wenze leli cala akakabanjw­a achaze ukuthi bekwenzenj­ani.”

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uCaptain Nqobile Gwala uthe amaphoyisa aKwaMashu aphenya icala lokubulala, okwamanje bekungakab­oshwa muntu.

Uthe amaphoyisa alandela umkhondo kamsolwa kuleli cala.

“Siyasiqini­sekisa isigameko lapho owesilisa oneminyaka engu-31, egwazwe kwashona umsolwa ongaziwa, lona wesilisa uphuthunyi­swe esibhedlel­a lapho efike washonela khona,” kusho uGwala.

Isolezwe lithole ukuthi umsolwa ngemuva kokugwaza isoka lakhe wacela imali yokugibela kumngane wakhe wabe eseshaya utshani.

Kuthiwa umphakathi wathukuthe­la ngesenzo sikamngani kamsolwa sokumnika imali yokugibela, wamshaya kanzima.

Umufi uzofihlwa ekhaya lakhe eNkandla ngeSonto.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa