Basola intombi ngokufa kwesoka
UKHUNGATHEKILE umndeni wowesilisa okusolwa ukuthi ubulawe yintombi yakhe okuthiwa imgwaze eduze kwendawo yokucima ukoma ehostela laKwaMashu ngempelasonto.
UMnuz Zamokuhle Zulu (31) kuthiwa ubeyolanda intombi yakhe ethaveni ngesikhathi ebulawa. Ushonele emtholampilo ngemuva kokuphuthunyiswa khona umngani wakhe. Umufi kuthiwa uye kule ndawo yokucima ukoma eyolanda umsolwa ngemuva kokuzwa ukuthi wayeseqome omunye umuntu khona.
Kuthiwa kkube nengxabano phakathi kwalaba bobabili nokuholela ekutheni owesifazane asegwaza isoka lakhe.
Umfowabo kamufi, uMnuz Nkosinathi Xulu, uthe basakhungathekile ngokushona kukamfowabo ngoba namanje abazi ukuthi bekubangwani. “Sisadidekile ngempela siyazibuza siyaziphendula ukuthi umfowethu ubebulawelani ngoba kwayena lona okuthiwa wenze leli cala akakabanjwa achaze ukuthi bekwenzenjani.”
Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNatal, uCaptain Nqobile Gwala uthe amaphoyisa aKwaMashu aphenya icala lokubulala, okwamanje bekungakaboshwa muntu.
Uthe amaphoyisa alandela umkhondo kamsolwa kuleli cala.
“Siyasiqinisekisa isigameko lapho owesilisa oneminyaka engu-31, egwazwe kwashona umsolwa ongaziwa, lona wesilisa uphuthunyiswe esibhedlela lapho efike washonela khona,” kusho uGwala.
Isolezwe lithole ukuthi umsolwa ngemuva kokugwaza isoka lakhe wacela imali yokugibela kumngane wakhe wabe eseshaya utshani.
Kuthiwa umphakathi wathukuthela ngesenzo sikamngani kamsolwa sokumnika imali yokugibela, wamshaya kanzima.
Umufi uzofihlwa ekhaya lakhe eNkandla ngeSonto.