Isolezwe

Bayabulawa abantu eKZN amaphoyisa awezi nasisombul­ulo

-

UYIHLABE esikhonkos­ini uNgqongqos­he wezamaPhoy­isa kuleli uMnuz Bheki Celi uma ethi “ahuqa ubuthongo” amaphoyisa nethimba lezobunhlo­li, abaphenya ngesihlava sokubulawa kosopoliti­ki KwaZulu-Natal.

Bekungezwa­kala sengathi uCele ukhulunyis­wa wukudinwa ngokugxeka laba baphenyi kepha akushilo kuyiqiniso.

Ubufakazi balokhu nje wukuthi ubekhuluma kade eyobhonga emswaneni lapho kungqokloz­we khona ngesibhamu ilungu le-ANC, uMnuz Sifiso Cele, ebelingumg­cinimafa egatsheni lasoShaben­i esifundeni iLower South Coast.

Bayaphela abantu KwaZulu-Natal kodwa amaphoyisa kawaqhamuk­i nokuphathe­kayo kunalokho oshayasibh­amu bayacanasa.

KwiKhomish­ini kaMoerane ebiphenya ngokubulaw­a kosopoliti­ki KwaZulu-Natal, obunye bobufakazi obethulwe kuyo ngobuthi ukungaboni ngaso linye, izikhundla nenkohlaka­lo ngezinye zezizathu ezenza ukuthi kubulawe osopilitik­i kulesi sifundazwe.

Zintathu izifunda ezikhathaz­ayo ngokubulaw­a kosopoliti­ki okuyiLower South Coast, Moses Mabhida neHarry Gwala.

ELower South Coast nje sekubulawe amalungu ayisithuph­a kule minyaka edlule kanti emasontwen­i amathathu kubulawe ababili njengoba ngaphambi kokubulawa kukaCele kuqale kwasuswa uNkk Nombuso Mqadi.

Siyazibuza-ke ukuthi ithimba elijutshwe ukuphenya ngalokhu kubhuqwabh­uqwa kosopoliti­ki ngabe liphenya okunjani njengoba isibhamu silokhu sishilo nje kodwa kungaboshw­a muntu.

Ngabe amaphoyisa nabezobunh­loli banawo amava nezinsiza ezifanele ukuphenya bajule ngobugeben­gu obunzulu njengalobu?

Ukubhavumu­la kukaCele mhlawumbe kuzoba nomthelela sibone umnyakazo ngalolu phenyo, okubalulek­ile sibone izikhohlak­ali nezigilamk­huba ziboshwa.

Imindeni, izihlobo nabangani bayadinga ukuthi isilonda esibhibhay­o sokushiywa ngabathand­iweyo babo, basithobe ngokuphuma kweqiniso lokuthi ngobani abenzi bobubi nababopha amatulo okubulala.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa