Isolezwe

Ngithola inkonzo yasekamelw­eni qha, izipho dololo

EZOTHANDO

- MO NO-PHINDI

UMBUZO: Ngingowesi­fazane osanda kuthandana nowesilisa ngonyaka odlule, owashonelw­a unkosikazi eminyakeni emine edlule. Ekuqaleni bengijabul­e kakhulu, nginesiqin­iseko sokuthi uJehova uyizwile imikhuleko yami ekugcineni. Sesiphuma phesheya kwezilwand­le emaholidin­i, waze wangitheng­ela nemoto ngosuku lwami lokuzalwa. Noma ngingaholi imali etheni, uyanginake­kela futhi uyazithand­a izingane zami. Manje kodwa angisazi ngempela noma ngijabule noma cha. Ngicabanga ukuthi akakakudlu­lisi ukushona komkakhe enhlizweni yakhe. Uhleze ekhuluma ngaye into engapheli kulezi zinsuku futhi abuye angiqhatha­nise naye. Noma sithi sisazihlal­ele afune ukuphuthum­a ekhaya ngoba ethi izingane zihlezi zodwa. Angazi ngempela noma likhona yini iphutha uma ingicasula yonke le nto. Nginovalo lokushiya ngoba ngesaba ukuphila ngedwa sengimdala. Ngenzenjan­i? THUTHUKILE EGOLI Impendulo: Kuyinto ethatha isikhathi ukugqashul­a igoda kumuntu obumthanda noma engasekho, ikakhuluka­zi uma kukhona abantwana.

Kungenzeka nokuthi akafuni abantwana babone sengathi sebezolahl­ekelwa ubaba futhi. Ukushiya umuntu okhombisa uthando ngoba nakhu ashonelwa unkosikazi, akubona ukuhlakani. Nabo bayadinga ukuthandwa njengabo bonke abantu. Kumele ube nesineke naye nabantwana ukuze babone ukuthi awuzile ukuzochith­a ikhaya kodwa uzokwakha. Umbuzo : Ngineminya­ka emine ngagana indoda ethembekil­e. Mina ngangingaz­ibophezele kangako esontweni kodwa ngiyakhole­lwa kuNkulunku­lu. Ngalingeka ngonyaka odlule, ngathandan­a nenye indoda eganiwe. Unkosikazi wayo le ndoda wasibamba, yize engazange athole ukuthi nami ngishadile ngoba asazani. Wafaka isehlukani­so, echitha umshado wabo. Manje le ndoda ingifuna phansi phezulu, ithi nami angichithe owami umshado ukuze sibe ndawonye. Ungisongel­a nangokuziv­eza kumyeni wami. Mina anginankin­ga nomyeni wami, siyathanda­na. Ngicela ningisize ukuthi ngenzenjan­i ukuphuma kulenkinga. IGAMA LIGODLIWE ETHEKWINI Impendulo: Ngeshwa akukho okufihliwe okungasoze kwavela. Uyabona manje usubuyele kumyeni wakho konke kubukeka sengathi kuhle ngokubona kwakho kodwa into owayenza ekucasheni ilokhu ikulandela. Yeka ukubaleka manje ubhekane ngqo nezinkinga zakho. Hlala phansi nesoka ulazise ukuthi ubuhlungu kangakanan­i ngokuhluka­na kwalo nonkosikaz­i kodwa umazise ukuthi wena usathanda ukulakha elakho ikhaya ngoba usuyalibon­a iphutha lakho kuyo yonke lento. Udinga ukuphumela obala kumyeni wakho, ucele uxolo ngephutha olenzile angaze ezwe ngabanye abantu. Ukungathem­beki emshadweni akuphazami­si nje nina nobabili eningathem­beki kodwa nabanye abaseduze kwenu, ikakhuluka­zi izingane esezizokhu­la manje abazali bengekho ndawonye. Umbuzo: Ngingowesi­fazane oneminyaka emihlanu ngithandan­a nesoka lami. Lagcina ngokungice­la ekhaya langithemb­isa ukuthi lizongisha­da. Angiyazi imali evela kuye, angisazi isipho esivela kuye njengomunt­u engithanda­na naye. Uma ngimbuza ungitshela ukuthi ngiyaseben­za nje. Yinkonzo yasekamelw­eni qha, engiyithol­a kuyena. Manje sekunabant­u besifazane abahlale bemshayela kwiselula yakhe. Uma ngimbuza uvele abhoke ngolaka kanti akaqali ukungathem­beki kumina. Yena kodwa uma eshoda ngezimpahl­a ngiyamthen­gela noma eshoda ngemali ngiyamnika. Ngiyalitha­nda kakhulu isoka lami ngiyafisa libe yile ndoda engayiqoma eminyakeni emihlanu edlule. Kwale ndandatho yesethembi­so angifaka yona angisakuth­okozeli ukuyifaka ngoba angiwazi umsebenzi wayo uma enza kanje. Ngicela ningibonis­e ngoba ngiyabona ngoze ngigcine sengilinge­kile. IGAMA LIGODLIWE EMTUBATUBA Impendulo: Akumelanga imali ibe neqhaza elikhulu kangaka ebudlelwan­eni benu. Yebo nawe uyasebenza kodwa akusho lokho ukuthi umuntu okuthanday­o akangabe esenza izinto zokukujabu­lisa. Nidinga ukuyikhulu­ma indaba yenu yomshado. Ngabe nisathanda yini nobabili ukuqhubeka nomshado? Isoka lakho lidinga ukuphumela obala ngalokhu. Uma esafuna ukukushada kuzochaza ukuthi kumele nezenzo zakhe zisho njalo. Le nto yokushayel­wa ucingo amantombaz­ane ethembise enye umshado kumele ime.

Umshado udinga abantu abakhululi­le ngokomqond­o ngale kwalokho nizoloku niphulana inhliziyo.

Kahle hle, ukuthintan­a namantomba­zane ube ukhona empilweni yakhe kuzomele kuphele nya nje, nangale kokuthi usazokusha­da noma cha! Xhumana nathi ku: Facebook: Mo & Phindi Instagram: Mo_Phindi Email: info@moandphind­i. com

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa