Ngithola inkonzo yasekamelweni qha, izipho dololo
EZOTHANDO
UMBUZO: Ngingowesifazane osanda kuthandana nowesilisa ngonyaka odlule, owashonelwa unkosikazi eminyakeni emine edlule. Ekuqaleni bengijabule kakhulu, nginesiqiniseko sokuthi uJehova uyizwile imikhuleko yami ekugcineni. Sesiphuma phesheya kwezilwandle emaholidini, waze wangithengela nemoto ngosuku lwami lokuzalwa. Noma ngingaholi imali etheni, uyanginakekela futhi uyazithanda izingane zami. Manje kodwa angisazi ngempela noma ngijabule noma cha. Ngicabanga ukuthi akakakudlulisi ukushona komkakhe enhlizweni yakhe. Uhleze ekhuluma ngaye into engapheli kulezi zinsuku futhi abuye angiqhathanise naye. Noma sithi sisazihlalele afune ukuphuthuma ekhaya ngoba ethi izingane zihlezi zodwa. Angazi ngempela noma likhona yini iphutha uma ingicasula yonke le nto. Nginovalo lokushiya ngoba ngesaba ukuphila ngedwa sengimdala. Ngenzenjani? THUTHUKILE EGOLI Impendulo: Kuyinto ethatha isikhathi ukugqashula igoda kumuntu obumthanda noma engasekho, ikakhulukazi uma kukhona abantwana.
Kungenzeka nokuthi akafuni abantwana babone sengathi sebezolahlekelwa ubaba futhi. Ukushiya umuntu okhombisa uthando ngoba nakhu ashonelwa unkosikazi, akubona ukuhlakani. Nabo bayadinga ukuthandwa njengabo bonke abantu. Kumele ube nesineke naye nabantwana ukuze babone ukuthi awuzile ukuzochitha ikhaya kodwa uzokwakha. Umbuzo : Ngineminyaka emine ngagana indoda ethembekile. Mina ngangingazibophezele kangako esontweni kodwa ngiyakholelwa kuNkulunkulu. Ngalingeka ngonyaka odlule, ngathandana nenye indoda eganiwe. Unkosikazi wayo le ndoda wasibamba, yize engazange athole ukuthi nami ngishadile ngoba asazani. Wafaka isehlukaniso, echitha umshado wabo. Manje le ndoda ingifuna phansi phezulu, ithi nami angichithe owami umshado ukuze sibe ndawonye. Ungisongela nangokuziveza kumyeni wami. Mina anginankinga nomyeni wami, siyathandana. Ngicela ningisize ukuthi ngenzenjani ukuphuma kulenkinga. IGAMA LIGODLIWE ETHEKWINI Impendulo: Ngeshwa akukho okufihliwe okungasoze kwavela. Uyabona manje usubuyele kumyeni wakho konke kubukeka sengathi kuhle ngokubona kwakho kodwa into owayenza ekucasheni ilokhu ikulandela. Yeka ukubaleka manje ubhekane ngqo nezinkinga zakho. Hlala phansi nesoka ulazise ukuthi ubuhlungu kangakanani ngokuhlukana kwalo nonkosikazi kodwa umazise ukuthi wena usathanda ukulakha elakho ikhaya ngoba usuyalibona iphutha lakho kuyo yonke lento. Udinga ukuphumela obala kumyeni wakho, ucele uxolo ngephutha olenzile angaze ezwe ngabanye abantu. Ukungathembeki emshadweni akuphazamisi nje nina nobabili eningathembeki kodwa nabanye abaseduze kwenu, ikakhulukazi izingane esezizokhula manje abazali bengekho ndawonye. Umbuzo: Ngingowesifazane oneminyaka emihlanu ngithandana nesoka lami. Lagcina ngokungicela ekhaya langithembisa ukuthi lizongishada. Angiyazi imali evela kuye, angisazi isipho esivela kuye njengomuntu engithandana naye. Uma ngimbuza ungitshela ukuthi ngiyasebenza nje. Yinkonzo yasekamelweni qha, engiyithola kuyena. Manje sekunabantu besifazane abahlale bemshayela kwiselula yakhe. Uma ngimbuza uvele abhoke ngolaka kanti akaqali ukungathembeki kumina. Yena kodwa uma eshoda ngezimpahla ngiyamthengela noma eshoda ngemali ngiyamnika. Ngiyalithanda kakhulu isoka lami ngiyafisa libe yile ndoda engayiqoma eminyakeni emihlanu edlule. Kwale ndandatho yesethembiso angifaka yona angisakuthokozeli ukuyifaka ngoba angiwazi umsebenzi wayo uma enza kanje. Ngicela ningibonise ngoba ngiyabona ngoze ngigcine sengilingekile. IGAMA LIGODLIWE EMTUBATUBA Impendulo: Akumelanga imali ibe neqhaza elikhulu kangaka ebudlelwaneni benu. Yebo nawe uyasebenza kodwa akusho lokho ukuthi umuntu okuthandayo akangabe esenza izinto zokukujabulisa. Nidinga ukuyikhuluma indaba yenu yomshado. Ngabe nisathanda yini nobabili ukuqhubeka nomshado? Isoka lakho lidinga ukuphumela obala ngalokhu. Uma esafuna ukukushada kuzochaza ukuthi kumele nezenzo zakhe zisho njalo. Le nto yokushayelwa ucingo amantombazane ethembise enye umshado kumele ime.
Umshado udinga abantu abakhululile ngokomqondo ngale kwalokho nizoloku niphulana inhliziyo.
Kahle hle, ukuthintana namantombazane ube ukhona empilweni yakhe kuzomele kuphele nya nje, nangale kokuthi usazokushada noma cha! Xhumana nathi ku: Facebook: Mo & Phindi Instagram: Mo_Phindi Email: info@moandphindi. com