Ngacishe ngafa ngephutha legaraji
Ngifike ekhaya ngathatha unkosikazi wami nezingane saphuma, sayothenga ukudla ngayo le moto.
Ngakusasa, umkami engilandela ngemuva ngemoto yakhe sibheke emsebenzini ngibone esengimisa, wathi isondo liyaphuma emotweni engiyishayelayo. Nangempela amabhawodi amathathu ayesewile.
Ngaqala ukushayela kwaTiger Wheels ngibazisa ngalokhu. Nakuba baqale bangijikelezisa bagcina bethe imoto ayiye kwaBMW kuyobhekwa umonakalo.
Ekugcineni izindleko zazinguR25 000 zomokalo, kumanje izolungiswa nguye uTiger Wheels.
AbakwaTiger Wheels bangibeka engozini enkulu eyayinokungikhubaza okanye idlule nempilo yami; hhayi eyami ngedwa kuhlanganisa neyomndeni wami uqobo.
Umbuzo obalulekile othi, liyini iqhaza okumelwe libanjwe ngumnikazi okanye umshayeli wemoto uma ikade iyoqondiswa ibhalansiswe amasondo?
Kungasekona kodwa lokhu, kungaba ukuqeda ukuyosevisa imoto noma yini nje oyoyenza. Abaningi abafana nami banolwazi oluncane ngemoto, ithemba silibeka kochwepheshe bayo le mishini.
Le nto ifana nami njengodokotela uma ngithe ngihlinza umuntu ngenza iphutha, umthetho uba nami shaqa. Kuyaye kuthiwe isiguli sibeke ithemba ngempilo layo kimi; mina ngabadicilela phansi. Ngingaphucwa nesitifiketi sokusebenza uqobo. Uma kunguchwepheshe wemoto owenze iphutha elinjena, kuthiwani?
Ukube le moto yagingqika ngalimala, noma ngashona; kwakuyothiwa kungenxa yobudedengu bami mshayeli. Ngubani oke acabange ukuthi iphutha kungenzeka lenziwe yigaraji ebelifaka libopha, libhalansa amasondo. Ngubani?
Akekho. Kulula ukuthi iphutha likumshayeli, vele lezi zimoto zihlale zigijinyiswa emgwaqweni, okanye abashayeli bamatekisi bahlale benza okuthandwa yibo.
Ngithi nakhu, kwenzeke kimi uqobo, into engingakaze ngiyicabange emotweni eyakheke yavikela abagibela bayo ngobuchwepheshe obukuleli zinga.
Zingaki izingozi ezenzeka nsuku zonke ngenxa yamagaraji angawenzi umsebenzi wawo ngendlela?
Zingaki izinkubela ezikhona ngenxa yamaphutha angagwemeka njengalawa? Mingaki imindeni esisele dengwane ngenxa yephutha lamagaraji? Akekho owaziyo.
Lokhu kusho ukuthi masifunde ukungayekeli ithemba lonke kochwepheshe basemagaraji, kodwa masiwuqinisekise umsebenzi abathi bawenzile. Dkt Bongani Nxumalo