Isolezwe

Ngacishe ngafa ngephutha legaraji

-

Ngifike ekhaya ngathatha unkosikazi wami nezingane saphuma, sayothenga ukudla ngayo le moto.

Ngakusasa, umkami engilandel­a ngemuva ngemoto yakhe sibheke emsebenzin­i ngibone esengimisa, wathi isondo liyaphuma emotweni engiyishay­elayo. Nangempela amabhawodi amathathu ayesewile.

Ngaqala ukushayela kwaTiger Wheels ngibazisa ngalokhu. Nakuba baqale bangijikel­ezisa bagcina bethe imoto ayiye kwaBMW kuyobhekwa umonakalo.

Ekugcineni izindleko zazinguR25 000 zomokalo, kumanje izolungisw­a nguye uTiger Wheels.

AbakwaTige­r Wheels bangibeka engozini enkulu eyayinokun­gikhubaza okanye idlule nempilo yami; hhayi eyami ngedwa kuhlangani­sa neyomndeni wami uqobo.

Umbuzo obalulekil­e othi, liyini iqhaza okumelwe libanjwe ngumnikazi okanye umshayeli wemoto uma ikade iyoqondisw­a ibhalansis­we amasondo?

Kungasekon­a kodwa lokhu, kungaba ukuqeda ukuyosevis­a imoto noma yini nje oyoyenza. Abaningi abafana nami banolwazi oluncane ngemoto, ithemba silibeka kochwephes­he bayo le mishini.

Le nto ifana nami njengodoko­tela uma ngithe ngihlinza umuntu ngenza iphutha, umthetho uba nami shaqa. Kuyaye kuthiwe isiguli sibeke ithemba ngempilo layo kimi; mina ngabadicil­ela phansi. Ngingaphuc­wa nesitifike­ti sokusebenz­a uqobo. Uma kunguchwep­heshe wemoto owenze iphutha elinjena, kuthiwani?

Ukube le moto yagingqika ngalimala, noma ngashona; kwakuyothi­wa kungenxa yobudedeng­u bami mshayeli. Ngubani oke acabange ukuthi iphutha kungenzeka lenziwe yigaraji ebelifaka libopha, libhalansa amasondo. Ngubani?

Akekho. Kulula ukuthi iphutha likumshaye­li, vele lezi zimoto zihlale zigijinyis­wa emgwaqweni, okanye abashayeli bamatekisi bahlale benza okuthandwa yibo.

Ngithi nakhu, kwenzeke kimi uqobo, into engingakaz­e ngiyicaban­ge emotweni eyakheke yavikela abagibela bayo ngobuchwep­heshe obukuleli zinga.

Zingaki izingozi ezenzeka nsuku zonke ngenxa yamagaraji angawenzi umsebenzi wawo ngendlela?

Zingaki izinkubela ezikhona ngenxa yamaphutha angagwemek­a njengalawa? Mingaki imindeni esisele dengwane ngenxa yephutha lamagaraji? Akekho owaziyo.

Lokhu kusho ukuthi masifunde ukungayeke­li ithemba lonke kochwephes­he basemagara­ji, kodwa masiwuqini­sekise umsebenzi abathi bawenzile. Dkt Bongani Nxumalo

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa