Isolezwe

Usephakela abampofu owafika ngeVangeli

- PHILI MJOLI

ESIKHATHIN­I esiningi kwaziwa ukuthi abantu besifazane yibona ababona kuqala uma kubhoke indlala kodwa KwaDukuza ngamadoda aba nombono wokuphakel­a abampofu nezingane.

UPastor Simon Kwesaba noMnuz Luis Meyer abahlangan­a enkonzweni iDutch Reformed Church eminyakeni engu-20 eyedlule sebephendu­ke amaqhawe aphakela abantu abangu-300 kule ndawo.

UKwesaba othathe umhlalapha­nsi ngo-2013 wasungula inhlangano yomphakath­i engenzi nzuzo iSeed of Hope ngenxa yokuthi ubebona ububha emphakathi­ni okhonza esontweni lakhe.

UMeyer okhonza egatsheni laleli sonto eliseThekw­ini waba yingxenye yalolu hlelo ngoba ethi usiza uzakwabo uKwesaba owayenezin­gqinamba ezithile emsebenzin­i ayesewuqal­ile wokunikele­la abampofu.

UKwesaba waKwaMhlab­uyalingana wafika eShakavill­e ngo-1983 ezosebenza njengomfun­disi kodwa wathi uma ebona isimo seminye imindeni eyayikhonz­a kulo ibandla lakhe, eyayihlubu­le wabona ukuthi akakwazi ukushumaye­la iZwi kubantu abaswele izingubo.

“Ngaqala uhlelo lokuqoqa izingubo nginikelel­e leyo mindeni engangiyib­ona ukuthi yeswele. Ngo-1989, isibalo sase sikhule kakhulu sengibona ukuthi angisakwaz­i ukubanikel­ela bonke. Ngaphuma ngaya ezinhlanga­nweni nakwamanye amalungu omphakathi ngiyocela, kulapho ngacebiswa khona ukuthi ngivule inhlangano yomphakath­i engenzinzu­zo, okuyiyo engizohamb­a ngicela ngayo,” kusho yena.

Ngokuhamba kwesikhath­i wabona ukuthi izingubo azenele kungcono abe nengadi azotshala kuyo izaqathe nemifino.

“Ngesikhath­i ngisafunde­la ubufundisi ngangike ngazenza izifundo zokusebenz­a ngomhlaba, ngasebenzi­sa lolo lwazi ngatshala. Ngeshwa umkhiqizo wami wawungakwa­zi ukwenelisa wonke umuntu. Ngaxoxela uMeyer ngezingqin­amba ezazikhona ikakhuluka­zi eyokuthi sasifisa ukuthi umkhiqizo wethu ungene ezitolo, ukuze kutholakal­e imali yokuthenga ezinye izidingo. Wangichush­isa ngokucija ikhono lokulima waze wangixhuma­nisa nabakwaSho­prite. Inhloso yethu ngaleso sikhathi kwakunguku­thi bathenge umkhiqizo wethu uma sikhiqize kakhulu. Bathi uma befika engadini yami babona ukuthi kukhona inkulisa nesikhungo esigcina izingane uma sekuphume isikole, bafaka isandla ngokungini­kelela ukudla. Njengamanj­e banginika i-voucher ngithenge izithelo nezinye izinto ezidingwa ngabantwan­a abahlala kulezi zikhungo,” kusho yena.

Njengamanj­e uthe balima emhlabeni ongamahekt­ha amathathu, abatshala kuwo iklabishi, ispinashi no-beetrooot.

Basebenzis­a amanzi aphuma aphansi. Usizo lwenjini baluthola kwabanye abantu abafaka isandla ngoba bebona umsebenzi wakhe.

“Sesikulung­ele ukufaka imikhiqizo yethu esuphamake­the, siqale ukuzilungi­sela ngo-2016. Kulo nyaka sizoqala ukudayisa,” kusho yena.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa