Isolezwe

Usafisa ukuba wumsakazi yize esenesikhu­ndla

- NOKUBONGWA PHENYANE

YIZE esegixabez­we ngesikhund­la sokuba ngumphathi wophrojusa esiteshini iNanda FM, eThekwini kodwa uNhlanhla Welcome Ngwenya (30), waseMadade­ni, eNewcastle, uthi ukusakaza yikhona akuthanday­o.

Le nsizwa ekufundele ukusakaza inguphroju­sa wohlelo lwasemini olwenziwa nguLihle Mthethwa, iBusiness Class engena ngo-12 emini iphele ngo-3 ntambama.

Ekhuluma ngokungena kwakhe emsakazwen­i uthe eqeda isikole ngo-2006, eDedangifu­nde High, wafaka isicelo sokufundel­a umculo eDurban University of Technology.

“Umculo ngenye yezinto engizithan­dayo. Kodwa izinto azihambang­a ngendlela engifisa ngayo nokwaphoqa ukuthi ngingaqhub­eki nokufunda. Ngahamba ngaya eGoli ngathola umsebenzi kwaKFC, ngasebenza khona isikhathi eside. Ngemali engangiyih­ola ngabhalise­la ukufundela ukusakaza e-Intec College,” kuchaza uNhlanhla.

Uthe eqeda ukufunda waqhubeka wasebenza kancane ngemuva kwalokho wayofundel­a ukucula eState Theatre ePitoli.

“Ngo-2010 ngabona kwi-internet ukuthi kudingeka abantu abazosakaz­a esiteshini, iChats Radio, eseChartsw­orth, eThekwini. Ngasifaka isicelo somsebenzi bangiphend­ula bathi angifike futhi kwangilung­ela. Kulo msakazo awunikwa uhlelo kodwa uyangena leso sikhathi owabelwe sona usakaze enxanxathe­leni yezitolo ubheke khona izinto ezenzakala­yo ngaphakath­i ukhulume ngazo,” kuchaza yena.

Uthe wafunda lukhulu kulesi siteshi njengoba aqonda nangendlel­a umsakazo osebenza ngayo.

“Ngisebenza kuleso siteshi ngahlangan­a noLucky Alex Khumalo owayeseben­za kwiNanda FM, owangitshe­la ukuthi ake ngizame inhlanhla yami kulo msakazo. Nangempela ngo-2014 ngafaka isicelo nganikezwa ithuba lokuba wuphrojusa,” kuchaza yena.

Kulesi siteshi uthe waqala waba uphrojusa wohlelo lwantambam­a, iLoxion Drive engena ngo-3 iphele ngo-6, olwalwenzi­wa uLee Hlophe osanda kujoyina umsakazo Ukhozi FM.

“Ngaphinde nganikwa olokuphroj­usa olwasekuse­ni, iRise and Rock olwenziwa nguSiya Seme. Ngafunda okuningi kuzona zonke lezi zinhlelo,” kuchaza yena.

Uthe ukunikwa ithuba lokuphatha ophrojusa esiteshini kumjabulis­ile njengoba ezofundisa abasakhula izinto eziningi.

Uthe umsebenzi wakhe manje ukuhlangan­a nophrojusa baxoxe ngezinto okumele zenziwe esiteshini ngalolo suku nezihloko okumele kukhulunyw­e ngazo.

Uthe ngelinye ilanga uyafisa ukuba nohlelo lwakhe njengoba ekhula ayebukela kubantu okukhona kubo uBongani “Kansas” Mchunu noMandla Malakoane.

Uma ufuna ukuzibona kule ngosi ungangithu­melela i-email ku-nokubongwa.phenyane@inl. co.za noma ungithinte ngocingo ku-031 308 2767.

 ??  ?? UNHLANHLA Ngwenya onikwe isikhundla sokuba ngumphathi wophrojusa emsakazwen­i iNanda FM nothi isifiso sakhe ukuba umsakazi ngelinye ilanga
UNHLANHLA Ngwenya onikwe isikhundla sokuba ngumphathi wophrojusa emsakazwen­i iNanda FM nothi isifiso sakhe ukuba umsakazi ngelinye ilanga
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa