Usephakela abampofu owafika ngeVangeli
ESIKHATHINI esiningi kwaziwa ukuthi abantu besifazane yibona ababona kuqala uma kubhoke indlala kodwa KwaDukuza ngamadoda aba nombono wokuphakela abampofu nezingane.
UPastor Simon Kwesaba noMnuz Luis Meyer abahlangana enkonzweni iDutch Reformed Church eminyakeni engu-20 eyedlule sebephenduke amaqhawe aphakela abantu abangu-300 kule ndawo.
UKwesaba othathe umhlalaphansi ngo-2013 wasungula inhlangano yomphakathi engenzi nzuzo iSeed of Hope ngenxa yokuthi ubebona ububha emphakathini okhonza esontweni lakhe.
UMeyer okhonza egatsheni laleli sonto eliseThekwini waba yingxenye yalolu hlelo ngoba ethi usiza uzakwabo uKwesaba owayenezingqinamba ezithile emsebenzini ayesewuqalile wokunikelela abampofu.
UKwesaba waKwaMhlabuyalingana wafika eShakaville ngo-1983 ezosebenza njengomfundisi kodwa wathi uma ebona isimo seminye imindeni eyayikhonza kulo ibandla lakhe, eyayihlubule wabona ukuthi akakwazi ukushumayela iZwi kubantu abaswele izingubo.
“Ngaqala uhlelo lokuqoqa izingubo nginikelele leyo mindeni engangiyibona ukuthi yeswele. Ngo-1989, isibalo sase sikhule kakhulu sengibona ukuthi angisakwazi ukubanikelela bonke. Ngaphuma ngaya ezinhlanganweni nakwamanye amalungu omphakathi ngiyocela, kulapho ngacebiswa khona ukuthi ngivule inhlangano yomphakathi engenzinzuzo, okuyiyo engizohamba ngicela ngayo,” kusho yena.
Ngokuhamba kwesikhathi wabona ukuthi izingubo azenele kungcono abe nengadi azotshala kuyo izaqathe nemifino.
“Ngesikhathi ngisafundela ubufundisi ngangike ngazenza izifundo zokusebenza ngomhlaba, ngasebenzisa lolo lwazi ngatshala. Ngeshwa umkhiqizo wami wawungakwazi ukwenelisa wonke umuntu. Ngaxoxela uMeyer ngezingqinamba ezazikhona ikakhulukazi eyokuthi sasifisa ukuthi umkhiqizo wethu ungene ezitolo, ukuze kutholakale imali yokuthenga ezinye izidingo. Wangichushisa ngokucija ikhono lokulima waze wangixhumanisa nabakwaShoprite. Inhloso yethu ngaleso sikhathi kwakungukuthi bathenge umkhiqizo wethu uma sikhiqize kakhulu. Bathi uma befika engadini yami babona ukuthi kukhona inkulisa nesikhungo esigcina izingane uma sekuphume isikole, bafaka isandla ngokunginikelela ukudla. Njengamanje banginika i-voucher ngithenge izithelo nezinye izinto ezidingwa ngabantwana abahlala kulezi zikhungo,” kusho yena.
Njengamanje uthe balima emhlabeni ongamahektha amathathu, abatshala kuwo iklabishi, ispinashi no-beetrooot.
Basebenzisa amanzi aphuma aphansi. Usizo lwenjini baluthola kwabanye abantu abafaka isandla ngoba bebona umsebenzi wakhe.
“Sesikulungele ukufaka imikhiqizo yethu esuphamakethe, siqale ukuzilungisela ngo-2016. Kulo nyaka sizoqala ukudayisa,” kusho yena.