Isolezwe

Ufuna kubuye umoya wonesi bakudala ababeyithe­mba

- INTATHELI YESOLEZWE

UNGQONGQOS­HE wezeMpilo KwaZulu-Natal uDkt Sbongiseni Dhlomo ubonge bonke onesi abasebenza ngokuzikha­ndla esifundazw­eni.

UDhlomo ubekhuluma emhlanganw­eni obuseThekw­ini ngoLwesibi­li njengoba ngoMgqibel­o kuzobe kugujwa usuku lonesi. Inhloso yomhlangan­o bekungukuh­langanisa uhlelo lomnyango lokusebenz­isa amakhono nesipiliyo­ni samanesi asathatha umhlalapha­nsi ukuthi kuphuculwe ezempilo esifundazw­eni.

Ekhuluma nonesi abasayibam­bile nabanye asebathath­a umhlalapha­nsi nezikhulu zomnyango wakhe, uDhlomo uchaze onesi njengabant­u okumele banakekele iziguli. Uthe isizukulwa­ne samanje singafunda lukhulu konesi asebathath­a umhlalapha­nsi.

“Sidinga ukubheka ukuthi yini engahamban­ga kahle bese sibuyela kokwakwenz­iwa lapho abahlengik­azi babeyisise­kelo sothando, uzwelo nokunakeke­la,” kusho uDhlomo.

Uthe emhlabeni jikelele uma ukhala ngezempilo ezingekho esimeni esigculisa­yo, ukwazi ukulungisa leso simo ngokuthi ubuyele emuva, uqhakambis­e iqhaza labahlengi­kazi.

UDhlomo uthe onesi bangamanxu­sa okunakekel­wa kweziguli.

“Unesi wuyena muntu onika izeluleko ngoba uhlala kakhulu nesiguli kunabanye abasebenzi bezempilo. Udokotela ufika ngaleso sikhathi nosokhemis­i ngokunjalo kodwa unesi uhlala nesiguli amahora angu-8 kuphinde kungene omunye unesi uma kushaya isikhathi sokushayis­a sobekade ekhona.”

Uthe uma umuntu efuna ukunakekel­a iziguli zigculisek­e, kumele kulalelwe onesi. UDhlomo uthe onesi kumele babuyele ekubeni ngabaholi okuyinto ababenayo kudala.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa