Isolezwe

Baxwayisa abaholi abamnyama kwiDA

- BONISWA MOHALE

ABAHLAZIYI bepolitiki baxwayise abaholi abamnyama kwiDA ukuthi bahlale beqaphile ngoba baningi abazokhala emnyango njengoNkk Patricia De Lille noNksz Lindiwe Mazibuko owakhishel­wa ngaphandle phambilini.

Umhlaziyi wepolitiki uMnuz Ralph Mathekga, uthe iDA ibonakala isadidekil­e ukuthi ifuna ukuduma ngani kwazise yakhiwe ngesisekel­o sokuvikela izidingo zabamhloph­e. Kodwa manje izama ukuheha abavoti abamnyama.

“Bekucacela noma ngubani ukuthi uzoxoshwa uNkk De Lille kwiDA. Kodwa kungacaci ukuthi uzohamba nini kanjani. Kusho ukuthi bagcine sebeyithol­ile intuba yokumsusa esikhundle­ni njengoba exoshiwe,” kusho uMathekga.

Uthe abaholi abamnyama abafana noMnuz Mmusi Maimane nabanye kufanele bahlale bejeqeza ngoba kwiDA sengathi abamnyama basuke bemenywe ukuthi bazofeza izinhloso ezithile.

Kuyimanje uMaimane usenkingen­i ngenxa yokukhulum­a ngokuthi abamhlophe kade baphila kangcono uma beqhathani­swa nabamnyama.

UMaimane uthe akashintsh­i enkulumeni ukuthi abantu kufanele babuyelwe wumhlaba futhi kuyihlazo ukuthi uma izulu lina kunabantu abanethwa yimvula besezindli­ni zabo.

Uthe uzoqhubeka nokulwela abantu abampofu, abangenamh­laba, abangasebe­nzi nabo bonke abafuna impilo engcono.

UMathekga uthe kuhle ukuthi uMaimane usheshe wakhuluma ngale ndaba ngoba iDA kufanele ixoxe ngayo, ukuze izazi ukuthi imiphi. “I-DA isadidekil­e ukuthi imele bani. Sengathi inokuzikho­hlwa. Okushiwo wuMaimane kuzosusa inkulumomp­ikiswano ngaphakath­i eqenjini. Okubuhlung­u wukuthi abaholi baleli qembu babonakala bengahambi­sani nemibono kaMaimane, okukhomba ukuthi usenkingen­i,” kusho uMathekga. Omunye umhlaziyi, uMnuz Thabani Khumalo, uthe isimo sishubile kwiDA futhi abaholi abamnyama kufanele baqonde ukuthi basuke bemenyiwe.

“Sabona kuhamba uNksz Lindiwe Mazibuko, umuntu owayengasa­bi ukukhuluma futhi engumholi onohlonze kwiDA. Kuyacaca ukuthi uma ukhuluma okungezwak­ali kahle kubelungu awunalo ikusasa kwiDA. NoMaimane kufanele aqaphele,” kusho uKhumalo.

Uthe sekuyaqala ukuvela ukungathen­jwa kobuholi bukaMaiman­e njengoba abanye abaholi beDA bekhale ngokuthi inkulumo yakhe izohlukani­sa iqembu.

“I-DA kufanele ingazikhoh­lwa ukuthi imele ukuvikela abamhlophe ngoba abaholi abamnyama bayaphuma bahehe amalungu. Uma sebekhulum­a ngezinking­a zamalungu amnyama akwehli kahle kubelungu bese bexoshwa labo baholi njengoNkk De Lille, uNksz Mazibuko. UMaimane naye usengcuphe­ni yokuxoshwa,” kusho uKhumalo.

Uthe akangabazi ukuthi uma kwehla ukwesekwa kweDA uzoxoshwa uMaimane ngoba abaholi abamhlophe, abale kubo uSotshwebh­u weDA ePhalamend­e, uMnuz John Steenhuise­n abasabusek­i ubuholi bakhe.

Uxwayise uMaimane ngokuthi akaqonde ukuthi iDA akusilo iqembu lakhe, umenyiwe kulo, angaxoshwa noma kunini futhi ayeke ukuzilinga­nisa noMandela ngoba lokho kusho ukuthi usezibona emkhulu kuneqembu.

 ?? Isithombe: DAVID RITCHIE/AFRICAN NEWS AGENCY/ANA ?? ABAHLAZIYI bezepoliti­ki baxwayisa ngokuthi baningi abanye abamnyama abasazoxos­hwa kwiDA njengoba kwenzekile kuNkk Patricia De Lille
Isithombe: DAVID RITCHIE/AFRICAN NEWS AGENCY/ANA ABAHLAZIYI bezepoliti­ki baxwayisa ngokuthi baningi abanye abamnyama abasazoxos­hwa kwiDA njengoba kwenzekile kuNkk Patricia De Lille
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa