Imbizo yokufuna ikhambi lodlame lwamadoda kwabesimame
ISIHLAVA sokubulawa kwabesifazane bebulawa ngabesilisa abasuke bethandana nabo, sekuqubule abesilisa ababili abasemikhakheni engafani ukuthi babize imbizo yamadoda ukuzama ukuthola izinkinga eziholela kulolu dlame lwamadoda.
Le mbizo ihlelelwe iSonto, eJR’s Braai House, ekuBulwer Road, eGlenwood, eThekwini ngo-3 ntambama.
UDkt Siyanda Ndawo onenqwaba yabalandeli kuFacebook, okuyinkundla ayisebenzisela ukusiza abantu abanezinkinga ikakhulu abesifazane, uhlangane noMnuz Xolani Majola, onamava emkhakheni wokugqugquzela ngokwakha emkhakheni wezemfundo, ukuqhamuka nomqondo wale mbizo yamadoda.
UMajola uthi babone kungcono ukuthi babize le mbizo ngoba bebona ukuthi luyaphuma esandleni udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.
Akukho sikhulumi esimenyiwe kepha kwamukelwa noma ngubani wesilisa okhathazekile ngalokhu okwenzekayo.
“Kafushane umsuka (wembizo) usekutheni sibuke isimo sokuhlukumezeka kwabantu besifazane. Kwaqala sengathi ukuhlukumezeka nje okwenzeka kubantu abathandanayo ngasese, kwaya kwaqonga kwaba yinkinga manje oyibonayo sengathi isifana nento engenisile. Kwaqala kwabulawa abantu besifazane cishe nsuku zonke. Babulawa ngobani na? Ngabantu abathandana nabo. Lokho akukhona nje ukuqondana kwezinto. Manje le nto iyakhathaza ngoba akithina sonke (madoda) esingababulali,” kusho uMajola.
Uthe uma lolu dlame lungayekelelwa kungagcina sekuyinto enganakwa ukubulawa kwabantu besifazane. Ubeka isizathu sokungakunaki lokhu njengento engagcina ihlukumeza omama, izingane nodadewabo balawo madoda akhetha ukusonga izandla, ibe ibonakala inkinga ukuthi inkulu futhi ijulile.
Wengeze ngokuthi kubalulekile ukuthi abantu besilisa bavume ukuthi banenkinga kanti nangosuku lwembizo kabezele ukuzogxeka muntu kepha inhloso wukuzwa izinkinga nokuthola izixazululo.
UNdawo uthi inkinga efana nale ngeke yaba nesixazululo esinendlela enqamulelayo.
“Inhloso ukuthola umsuka walolu dlame lwabantu besilisa. Lokhu kudinwa esinakho kuvelaphi? Kwenziwa yini nanokuthi yini esekela lokhu kudinwa nokuthi singakuqeda kanjani. Mina ngokwami ngibona amadoda eyinkinga.
“Nangendlela esikhuliswe ngayo inomthelela. Kusukela sibancane sifundiswa ukuthi sibufihle ubuhlungu esinabo. Sifundiswa ukuthi siqine. Ziqala lapho izinkinga. Nayo-ke le nto yokuthi njengabantu abamnyama nje sile ekugcineni kwezomnotho nokwenza izinkinga bese lokho kudinwa kukhishwa kubantu besifazane nasezinganeni. Wonke amadoda kumele avume ukuthi anezinkinga,” kusho uNdawo.
Kule mbizo uMajola noNdawo bayavumelana ukuthi kungeza noma ubani wesilisa ngisho ingane encane.
“Kungamsiza umfana omncane ukubona ubaba omdala eqaqeka ngezinkinga anazo, kuphenduleka nezinye izinto ezidida izingane ezincane zabafana. Kungabagqugquzela ukuthi bangagqibi izinkinga,” kuchaza uNdawo.
UMajola uthi bameme ngisho nabefundisi ngoba nayo inkolo inosiko lokucindezela abantu besifazane emabandleni.
Bathe bangafisa ukubona imbizo efuze le ikhula ifinyelela nakwamanye amadolobha nezifundazwe ngisho bengaseyona ingxenye yabagqugquzeli bona.