Isolezwe

Imbizo yokufuna ikhambi lodlame lwamadoda kwabesimam­e

- SANDILE MDADANE

ISIHLAVA sokubulawa kwabesifaz­ane bebulawa ngabesilis­a abasuke bethandana nabo, sekuqubule abesilisa ababili abasemikha­kheni engafani ukuthi babize imbizo yamadoda ukuzama ukuthola izinkinga eziholela kulolu dlame lwamadoda.

Le mbizo ihlelelwe iSonto, eJR’s Braai House, ekuBulwer Road, eGlenwood, eThekwini ngo-3 ntambama.

UDkt Siyanda Ndawo onenqwaba yabalandel­i kuFacebook, okuyinkund­la ayisebenzi­sela ukusiza abantu abanezinki­nga ikakhulu abesifazan­e, uhlangane noMnuz Xolani Majola, onamava emkhakheni wokugqugqu­zela ngokwakha emkhakheni wezemfundo, ukuqhamuka nomqondo wale mbizo yamadoda.

UMajola uthi babone kungcono ukuthi babize le mbizo ngoba bebona ukuthi luyaphuma esandleni udlame olubhekisw­e kwabesifaz­ane nezingane.

Akukho sikhulumi esimenyiwe kepha kwamukelwa noma ngubani wesilisa okhathazek­ile ngalokhu okwenzekay­o.

“Kafushane umsuka (wembizo) usekutheni sibuke isimo sokuhlukum­ezeka kwabantu besifazane. Kwaqala sengathi ukuhlukume­zeka nje okwenzeka kubantu abathandan­ayo ngasese, kwaya kwaqonga kwaba yinkinga manje oyibonayo sengathi isifana nento engenisile. Kwaqala kwabulawa abantu besifazane cishe nsuku zonke. Babulawa ngobani na? Ngabantu abathandan­a nabo. Lokho akukhona nje ukuqondana kwezinto. Manje le nto iyakhathaz­a ngoba akithina sonke (madoda) esingababu­lali,” kusho uMajola.

Uthe uma lolu dlame lungayekel­elwa kungagcina sekuyinto enganakwa ukubulawa kwabantu besifazane. Ubeka isizathu sokungakun­aki lokhu njengento engagcina ihlukumeza omama, izingane nodadewabo balawo madoda akhetha ukusonga izandla, ibe ibonakala inkinga ukuthi inkulu futhi ijulile.

Wengeze ngokuthi kubaluleki­le ukuthi abantu besilisa bavume ukuthi banenkinga kanti nangosuku lwembizo kabezele ukuzogxeka muntu kepha inhloso wukuzwa izinkinga nokuthola izixazulul­o.

UNdawo uthi inkinga efana nale ngeke yaba nesixazulu­lo esinendlel­a enqamulela­yo.

“Inhloso ukuthola umsuka walolu dlame lwabantu besilisa. Lokhu kudinwa esinakho kuvelaphi? Kwenziwa yini nanokuthi yini esekela lokhu kudinwa nokuthi singakuqed­a kanjani. Mina ngokwami ngibona amadoda eyinkinga.

“Nangendlel­a esikhulisw­e ngayo inomthelel­a. Kusukela sibancane sifundiswa ukuthi sibufihle ubuhlungu esinabo. Sifundiswa ukuthi siqine. Ziqala lapho izinkinga. Nayo-ke le nto yokuthi njengabant­u abamnyama nje sile ekugcineni kwezomnoth­o nokwenza izinkinga bese lokho kudinwa kukhishwa kubantu besifazane nasezingan­eni. Wonke amadoda kumele avume ukuthi anezinking­a,” kusho uNdawo.

Kule mbizo uMajola noNdawo bayavumela­na ukuthi kungeza noma ubani wesilisa ngisho ingane encane.

“Kungamsiza umfana omncane ukubona ubaba omdala eqaqeka ngezinking­a anazo, kuphendule­ka nezinye izinto ezidida izingane ezincane zabafana. Kungabagqu­gquzela ukuthi bangagqibi izinkinga,” kuchaza uNdawo.

UMajola uthi bameme ngisho nabefundis­i ngoba nayo inkolo inosiko lokucindez­ela abantu besifazane emabandlen­i.

Bathe bangafisa ukubona imbizo efuze le ikhula ifinyelela nakwamanye amadolobha nezifundaz­we ngisho bengaseyon­a ingxenye yabagqugqu­zeli bona.

 ?? Isithombe: FACEBOOK/XOLANI CLEO MAJOLA ?? OMUNYE wabagqugqu­zeli bembizo yamadoda, uMnuz Xolani Majola, ehlose ukulwa nesihlava sodlame nokubulawa kwabesifaz­ane engeSonto, eGlenwood, eThekwini
Isithombe: FACEBOOK/XOLANI CLEO MAJOLA OMUNYE wabagqugqu­zeli bembizo yamadoda, uMnuz Xolani Majola, ehlose ukulwa nesihlava sodlame nokubulawa kwabesifaz­ane engeSonto, eGlenwood, eThekwini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa