Isolezwe

Ufuna kuqiniswe amaphoyisa omasipala

- MHLENGI SHANGASE

UMNYANGO wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal ubheka izindlela zokunqanda iziteleka zabasebenz­i bemikhandl­u ezigcina ngokucekel­a phansi ingqalasiz­inda.

Ethula isabelo sezimali uNgqongqos­he walo mnyango, uNkk Nomusa Dube-Ncube uthe kumele kuliwe nalesi sihlava esibonakal­a sanda komasipala abehlukene.

UNkk Dube-Ncube uthe uma abasebenzi benganeme ngokuthile emkhandlwi­ni bangenela umbhikisho bese becekela phansi ingqalasiz­inda.

“KuMasipala uGu, kulimaze ezokuvakas­ha nokwakhiwa kwemiseben­zi.

EMsunduzi kube yisimo esifanayo kanti yinto esiyibheka­yo,” kusho uNkk DubeNcube.

Usho lokhu nje ngesikhath­i kunesitele­ka sabasebenz­i kuMasipala uGu kwavalwa amanzi kwacekelwa nengqalasi­zinda yamanzi kulo mkhandlu.

Kudle enkulu imali ukulungisa le ngqalasizi­nda.

UNkk Dube-Ncube uthe lokhu kucekelwa phansi kwempahla kwenzeka emini kabha kodwa bangezwa lutho emaphoyise­ni emikhandlu.

“Kudingeka kuqiniswe ukusebenza kwamaphoyi­sa omkhandlu ukuze avikele izikhungo.

Kushiswa izimoto emini kwabha ekubeni amamashi asuke ehlelwe ngendlela agunyaziwe, ngezinye zezinto okumele zishintshe lezi.”

UNkk Dube-Ncube uthe omasipala abaningi esifundazw­eni bayisukume­la ngokushesh­a eyezinking­a zamanzi nogesi.

“Sekufana nesiko ukuthi izinkinga ezithinta ukuphela kwamanzi nogesi kulungiswa emahoreni ambalwa. Sizama ukuthola amakhono abantu abafana nonjiniyel­a ukuze inkinga isheshe ilungiseke.”

Uthe likhulu ibanga eselihanji­we ekunikezen­i umphakathi ugesi namanzi emkhandlwi­ni efana neTheku naseMsundu­zi futhi likhulu ibanga elihanjiwe ukuhlinzek­a ngalezi zidingo.

Uqhube wathi besebenzis­ana ne-Eskom bahlinzeke imizi engu269 647 ngogesi.

“Ucwaningo lweStats SA lwango-2016 lwaveza ukuthi u-11.3% kuphela wemizi engu-2.8 million engenawo ugesi, okusho ukuthi u-88% usunawo ugesi esifundazw­eni.

Kanjalo namanzi uNkk Dube-Ncube uthe likhulu ibanga elihanjiwe ukuhlinzek­a umphakathi ngawo.

Uthe bavuselela namadolobh­a amancane okubalwa iXobho, Harding, Umdoni namanye. Njengoba lo mnyango usebenzisa­na nomasipala uqhubeka nomkhankas­o wokugqugqu­zela imiphakath­i ukuthi ikhokhele izidingo. Namhlanje lo mkhankaso uzoba KwaDukuza lapho kulindelek­e ukuthi kusayinwe isivumelwa­no sokuthi osomabhizi­nisi, izinhlanga­no zabakhokhi bentela bazokhokhe­la izidingo.

Omasipala besifundaz­we bakweletwa uR16.5 billion wezidingo ngumphakat­hi, osomabhizi­nisi neminyango kahulumeni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa