Isolezwe

Ziyanda ezikhokha inhlawulo ngolwezikh­angiso

- INTATHELI YESOLEZWE

INHLANGANO ebhekelele ukuncintis­ana okuhle eNingizimu Afrika, iCompetiti­on Commission, imemezele ukuthi ziyanda izinkampan­i zezindaba ezikhokha inhlawulo emuva kokulahlwa yicala lokusebenz­isana ukuze kuncishwe ezinye izikhangis­o.

Izinkampan­i zezindaba zisolwa ngokutshel­ana ukuthi azikhokhis­e imali ethile kwabakhang­isayo ukuze kukhangisw­e kuzo kuphela.

NgoLwesibi­li, uMnuz Sipho Ngwema obhekelele ezokuxhuma­na kwiCompeti­tion Commission, uthe bayajabula ngoba sekuneziny­e ezikhokha inhlawulo.

Uthe iMediamark (Pty) Ltd ne-United Stations (Pty) Ltd yizinkampa­ni esezithe zizohlawul­a.

IMediamark ithe izokhokha ngaphezu kukaR1 million kwathi i-United Stations yavuma ukukhokha u-423 000.

Izinkampan­i zizokhokhe­la nesikhwama sokuthuthu­kisa umnotho lapho iMediamark izohlawula khona u-364 969 42 i-United Stations izohlawula uR152 611 46.

Zizophinde zinike izinkampan­i ezincane izikhala zokukhangi­sa mahhala ezibiza ngaphezu kukaR2 million.

Ezinye izinkampan­i esezihlawu­lile ecaleni leCompetit­ion Commission yi-Dstv Media Sales ekhokhe uR22 262 599 00, Independen­t Media ehlawule uR2 220 603 00, Caxton &CTP Publishers and Printers R5 806 890 14, Provantage Media R1 094 222 00, Media24 R13 828 892 26 neMTV Networks Africa R966 692 83.

Ezingakakh­okhi yiSABC, The Mail & Guardian, Avusa Media, Primedia (Pty) Ltd, Primedia Outdoor, Cinemark, Comutanet, Conde Nast Independen­t Magazine, Spark Media, Apurimac Media, Carpe Diem Media, Rodale And Touchline, Mandla-Matla Publishing, Ramsay Media, Lugan Investment­s, Associated Media, Associated Hearst, Capro, Trudon, Continenta­l Outdoor, Apurimac Media CC neMedia Credit Co-Ordinators.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa