Baxwayisa abaholi abamnyama kwiDA
ABAHLAZIYI bepolitiki baxwayise abaholi abamnyama kwiDA ukuthi bahlale beqaphile ngoba baningi abazokhala emnyango njengoNkk Patricia De Lille noNksz Lindiwe Mazibuko owakhishelwa ngaphandle phambilini.
Umhlaziyi wepolitiki uMnuz Ralph Mathekga, uthe iDA ibonakala isadidekile ukuthi ifuna ukuduma ngani kwazise yakhiwe ngesisekelo sokuvikela izidingo zabamhlophe. Kodwa manje izama ukuheha abavoti abamnyama.
“Bekucacela noma ngubani ukuthi uzoxoshwa uNkk De Lille kwiDA. Kodwa kungacaci ukuthi uzohamba nini kanjani. Kusho ukuthi bagcine sebeyitholile intuba yokumsusa esikhundleni njengoba exoshiwe,” kusho uMathekga.
Uthe abaholi abamnyama abafana noMnuz Mmusi Maimane nabanye kufanele bahlale bejeqeza ngoba kwiDA sengathi abamnyama basuke bemenywe ukuthi bazofeza izinhloso ezithile.
Kuyimanje uMaimane usenkingeni ngenxa yokukhuluma ngokuthi abamhlophe kade baphila kangcono uma beqhathaniswa nabamnyama.
UMaimane uthe akashintshi enkulumeni ukuthi abantu kufanele babuyelwe wumhlaba futhi kuyihlazo ukuthi uma izulu lina kunabantu abanethwa yimvula besezindlini zabo.
Uthe uzoqhubeka nokulwela abantu abampofu, abangenamhlaba, abangasebenzi nabo bonke abafuna impilo engcono.
UMathekga uthe kuhle ukuthi uMaimane usheshe wakhuluma ngale ndaba ngoba iDA kufanele ixoxe ngayo, ukuze izazi ukuthi imiphi. “I-DA isadidekile ukuthi imele bani. Sengathi inokuzikhohlwa. Okushiwo wuMaimane kuzosusa inkulumompikiswano ngaphakathi eqenjini. Okubuhlungu wukuthi abaholi baleli qembu babonakala bengahambisani nemibono kaMaimane, okukhomba ukuthi usenkingeni,” kusho uMathekga. Omunye umhlaziyi, uMnuz Thabani Khumalo, uthe isimo sishubile kwiDA futhi abaholi abamnyama kufanele baqonde ukuthi basuke bemenyiwe.
“Sabona kuhamba uNksz Lindiwe Mazibuko, umuntu owayengasabi ukukhuluma futhi engumholi onohlonze kwiDA. Kuyacaca ukuthi uma ukhuluma okungezwakali kahle kubelungu awunalo ikusasa kwiDA. NoMaimane kufanele aqaphele,” kusho uKhumalo.
Uthe sekuyaqala ukuvela ukungathenjwa kobuholi bukaMaimane njengoba abanye abaholi beDA bekhale ngokuthi inkulumo yakhe izohlukanisa iqembu.
“I-DA kufanele ingazikhohlwa ukuthi imele ukuvikela abamhlophe ngoba abaholi abamnyama bayaphuma bahehe amalungu. Uma sebekhuluma ngezinkinga zamalungu amnyama akwehli kahle kubelungu bese bexoshwa labo baholi njengoNkk De Lille, uNksz Mazibuko. UMaimane naye usengcupheni yokuxoshwa,” kusho uKhumalo.
Uthe akangabazi ukuthi uma kwehla ukwesekwa kweDA uzoxoshwa uMaimane ngoba abaholi abamhlophe, abale kubo uSotshwebhu weDA ePhalamende, uMnuz John Steenhuisen abasabuseki ubuholi bakhe.
Uxwayise uMaimane ngokuthi akaqonde ukuthi iDA akusilo iqembu lakhe, umenyiwe kulo, angaxoshwa noma kunini futhi ayeke ukuzilinganisa noMandela ngoba lokho kusho ukuthi usezibona emkhulu kuneqembu.