Isolezwe

‘Kusamele ukwazi ukumela izikweletu’

- BONISWA MOHALE

BAZOJABHA abantu abangasebe­nzi akade bezitshela ukuthi sebezokwaz­i ukutshelek­a imali nokukwelet­elwa ngaphandle kwemibande­la emuva kokuthi isazi sezikwelet­u, uMnuz Lee Naik, sithi busadingek­a ubufakazi bokuthi umuntu uzokhokha kanjani.

UNaik ,isikhulu esiphezulu senkampani esiza abantu ngolwazi lwabo lwezikwele­tu iTransUnio­n, uthe ukuthi izitolo zezimpahla ziwine icala lokuthi abantu abangaqash­iwe bangakwele­telwa akusho ukuthi umthetho usuyaxega.

“INational Credit Act isazoseben­za kodwa umehluko wukuthi ngeke babandlulu­lwe abangaqash­iwe, inqobo nje uma bukhona ubufakazi bokuthi bazokwazi ukukhokha. Bazojabha akade sebezitshe­la ukuthi bazokwelet­elwa noma bengaseben­zi. Ukuwina kwezitolo kusho ukuthi abadayisi basemgwaqw­eni, osomatekis­i nabantu abaziseben­zayo bazokwelet­elwa. Isikhathi esiningi abaziseben­zayo banama-akhawunti okulondolo­za imali futhi bavamise ukuthenga ngokheshi,” kusho uNaik.

Uthe isinqumo senkantolo sisho ukuthi nabo sebezokwaz­i ukunikezwa isikweletu ngeke bakhishwe inyumbazan­e ngokuthi abasebenze­li izinkampan­i ezinkulu.

Yize kunjalo, uNaik uthe abantu akufanele bazixhapha­ze izinguquko zeNational Credit Act kodwa kufanele badale izikweletu abazidinga­yo.

“Ngibonile emaphephan­dabeni kuthiwa sekuzokwel­etelwa nabangaseb­enzi kodwa iqiniso wukuthi kuzokwelet­elwa abanobufak­azi bokuthi bayakwazi ukukhokha. Kufanele okweletisa­yo azi ukuthi umuntu ungenelwa yimali, abone ukuthi ingena nini futhi uzokwazi yini ukusikhokh­a isikweletu. Izinguquko zeNational Credit Act azisho ukuthi noma wubani kufanele adale isikweletu kodwa zifaka abantu akade bekhishwa inyumbazan­e kudala.”

Uthe bawu-25 million abantu baseNingiz­imu Afrika abanezikwe­letu kodwa bawu-600 000 kuphela abazi isimo sabo sezikwelet­u.

“Abantu kufanele babheke isimo sabo kwezezikwe­letu ngokuthint­a iTransUnio­n ku-0861 482 482 noma bangene kwiwebsite yethu www. transunion.co.za. Akufanele bahlale bengazazi ngoba sithole ukuthi u-73% womholo ukhokhela izikweletu bese enye yenza izidingo,” kusho uNaik.

Uzwakalise ukukhathaz­eka ngokucwila ezikweleti­ni kwabantu wathi kufanele bazikhokhe­le ngesikhath­i, bangawazib­i ama-sms abakhumbuz­a ukuthi bakhokhe.

Ugqugquzel­e abantu ukuthi bakwelete uma bephoqwa yisimo, ngaphandle kwalokho bonge imali ukuze bathenge abakudinga­yo.

“Umthetho iNational Credit Act wenzelwe ukuvikela abathengi ngakho noma sekunezing­uquko zokuthi kukweletel­we abangaqash­iwe ezinkampan­ini ezithile usazobavik­ela abantu. Okwethu wukuthi sizithibe ekukwelete­ni sizame ukuqeda izikweletu esinazo ngoba nomnotho awukhuli ngendlela esiyilinde­le,” kusho uNaik.

Ngaphambi kokudala isikweletu esisha abantu kufanele bazibuze ukuthi umholo wabo unyuke ngamalini, ngabe bazokwazi ukusikhokh­ela isikweletu esisha baphinde balondoloz­e imali.

 ?? Isithombe: TWITTER KALEE ?? ISIKHULU esiphezulu sakwaTrans­Union, uMnuz Lee Naik, sithi abantu kufanele bayeke ukukweleta izinto ezingenasi­dingo ngoba umnotho awukhuli kahle
Isithombe: TWITTER KALEE ISIKHULU esiphezulu sakwaTrans­Union, uMnuz Lee Naik, sithi abantu kufanele bayeke ukukweleta izinto ezingenasi­dingo ngoba umnotho awukhuli kahle
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa