Isolezwe

Usuzovala ngesithuph­a uma ukwi-ATM

- BONISWA MOHALE

UKUBONA abantu bekhala ngokuqolwa kuma-ATM kwenze abakwaFNB baqinise ezokupheph­a ngokuthi amakhasime­nde afake amanyela eminwe uma ezokhipha imali.

Lobu buchwephes­he bethulwe ngoMsombul­uko eFNB eGauteng.

UNkk Lee-Anne van Zyl, isikhulu seFNB Points of Presence, okuwuphiko oluze nobuchweph­eshe bamanyela eminwe emishini yemali, uthe baqinisa ezokupheph­a ngoba abafuni abantu balahlekel­we yimali abayilondo­loza kanzima ebhange.

“Abantu sebezokwen­za okuningi kuma-ATM ethu ngoba bazokwazi ukukhipha imali, ukuyifaka, ukuthenga ugesi, ukuthumela imali kwamanye amaakhawun­ti nokwenza eminye imisebenzi kuma-akhawunti abo. Okuhle wukuthi kuzodingek­a amanyela esithupha somuntu ukuze asebenzise ibhange. Okusho ukuthi akekho omunye ozokwazi ukumqola,” kusho uNkk van Zyl.

“Siqale ukusebenzi­sa lobu buchwephes­he kuma-ATM aseGauteng ngoNovemba kodwa manje sesizoba nabo kuwo wonke ama-ATM ethu. Sizophinde sibe nawu-50 emakhaya nasemaloki­shini ezinyangen­i eziyisithu­pha ezizayo,” kusho uNkk van Zyl.

Uthe ubuchwephe­she buzosiza kwezokuphe­pha kodwa buzophinde buqiniseki­se ukuthi abantu abaningi bayakwazi ukusebenzi­sa ibhange ngisho labo abangakwaz­i ukusebenzi­sa ubuchwephe­she besimanje ngoba ukufaka isithupha kuveza yonke imininingw­ane edingwa yikhasimen­de.

“Sizosebenz­isana nezitolo ezincane zasemakhay­a lapho abantu abadala behola khona impesheni bathenge nokudla ukuze siqiniseki­se ukuthi amakhasime­nde ethu awasayi emadolobhe­ni uma efuna ukusebenzi­sa ibhange. Ukuphepha kwawo kuseqhulwi­ni nokuqinise­kisa ukuthi ayafinyele­la kwezokubha­nga,” kusho uNkk van Zyl.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? ASEZOCINDE­ZELA izithupha amakhasime­nde akwaFNB uma ekhipha imali esebenzisa ama-ATM
Isithombe: SITHUNYELW­E ASEZOCINDE­ZELA izithupha amakhasime­nde akwaFNB uma ekhipha imali esebenzisa ama-ATM

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa