Isolezwe

‘Izinkampan­i ezincane yizo eziqasha intsha eningi’

- INTATHELI YESOLEZWE

BAZODALA u-90% wamathuba omsebenzi osomabhizi­nisi abancane ngo-2030, okusho ukuthi uhulumeni kufanele abaxhase ngazo zonke izinsiza abazidinga­yo.

Lokhu kushiwo wuMnuz Simon Leps oyisikhulu esiphezulu senkampani esiza osomabhizi­nisi abancane iXPRS Capital Africa.

ULeps uthe osomabhizi­nisi abancane akufanele basabe ukucela usizo kuhulumeni nasezinkam­panini ezizimele ngoba iqiniso wukuthi yibona abakwazi ukudala amathuba omsebenzi amaningi.

“Izinkampan­i ezinkulu azikwazi ukudala amathuba omsebenzi amaningi kodwa ezincane yizona ezizoqasha inqwaba yentsha ehleli emakhaya. Kufanele sibaxhase osomabhizi­nisi abancane ngakho konke abakudinga­yo ngoba njengamanj­e amabhizini­si amancane asungulway­o ayawa kungakaphe­li iminyaka emithathu. Kufanele uhulumeni asize osomabhizi­nisi abancane ngokunciph­isa imicikilis­ho eminingi uma kubhaliswa ibhizinisi njengowent­ela yezimpahla iValue Added Tax (VAT). Kufanele banikwe nezibonele­lo zokuthi bangayikho­khi intela ngoba basathuthu­ka,” kusho uLeps.

Uthe osomabhizi­nisi abancane kufanele bathekele ulwazi kosomabhiz­inisi abadumile abaphumele­layo emikhakhen­i ethile.

“Osomabhizi­nisi abancane kufanele benze imikhiqizo edingwa yizinkampa­ni ezinkulu naleyo encike kubuchweph­eshe besimanje ukuze bangawi,” kusho uLeps.

Uveze ukuthi okuwisa abantu wukungahle­li kahle ukuthi uma selikhula ibhizinisi impahla ithengwa kanjani nokuthi wobani amakhasime­nde amasha azothenga impahla kulona.

“Kunosomabh­izinisi abajaha ukuthenga izimoto ezinhle uma bebona ukuthi ibhizinisi lihamba kahle. Empeleni akufanele bakwenze lokhu kodwa kufanele balondoloz­e imali yabo beze nezinhlelo ezintsha zokudayisa imikhiqizo yabo balwe nokuthi bangabi nezikwelet­u ezidlula imali engenayo. Uma benza lokho izinkampan­i zabo ngeke ziwe kungakaphe­li iminyaka emithathu,” kusho uLeps.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa