Isolezwe

Ziyenyuka izikhalo ngamabhang­e – umbiko

- BONISWA MOHALE

UMXAZULULI wezinkinga zamabhange u-Ombudsman for Banking Services (OBS), uNkk Reanna Styn uveze ukuthi zenyukile izikhalo zabantu ngamabhang­e njengoba ngonyaka odlule ethole izikhalo ezingu-7 057 uma kuqhathani­swa nezingu-5 690 ayezithole ngo-2016.

UNkk Steyn uveze lezi zindaba izolo, eGauteng ngesikhath­i ethula umbiko wakhe wokusebenz­a.

“Inhloso yethu wukuqinise­kisa ukuthi amabhange aphatha kahle abathengi, siye sicele ukuthi umuntu aqale afake isikhalo kwibhange lakhe ngaphambi kokudlulel­a kuthina. Sithole ukuthi baningi abeza ehhovisi lethu ngenxa yokungasiz­akali emabhange. U-77% wabantu ukhala ngokuqolwa uma besebenzis­a i-cellphone banking ne-online banking. U-18% ubukhala ngokuqolwa kumaATM bese ezinye izikhalo kube ngezokulah­leka kwemali,” kusho uNkk Steyn.

Uphinde wakhala ngokugxekw­a kwehhovisi lakhe ngabantu abasuke bengavunwa­nga yimiphumel­a yophenyo.

“Kunabantu abathi sicheme namabhange kodwa lokhu akusilo iqiniso ngoba sisebenzel­a abathengi futhi sikhona ukuqinisek­isa ukuthi kunobudlel­wano obuhle phakathi kwamabhang­e nomphakath­i. Sifuna amabhange asebenze ngokulande­la umthetho,” kusho uNkk Steyn.

Uthe amacala bawaphenya bawaqede kungapheli izinsuku ezingu-34 okusho ukuthi bayashesha ukukhipha imiphumela.

Uthe izikhalo eziningi bazithole eGauteng naKwaZulu-Natal, kwathi ezincane zavela eNorthern Cape naseNorth West.

Uphethe ngokuthi amabhange kufanele anikwe izinsuku ezingu-20 zokuphenya umuntu athathe izimpendul­o zebhange ezibhalwe phansi azidlulise­le ku-Ombudsman for Banking Services.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa