Isolezwe

Akanangcin­dezi ngowamagol­i uTau

- ZAKHELE XABA

ULINDELE noma yini ngomklomel­o wamagoli umgadli weMamelodi Sundowns, uPercy Tau, okufanele ashaye inethi emdlalweni wokugcina we-Absa Premiershi­p ukuze azibeke ethubeni lokuqopha umlando eNingizimu Afrika.

UTau ubambene ngamagoli angu-11 noRodney “Rama G” Ramagalela wePolokwan­e City. Uqokwe njengomdla­li ovelele, i-Absa Premiershi­p Player of The Moth ka-Ephreli.

Umqeqeshi weSundowns, uPitso Mosimane, uqokwe njenge-Absa Premiershi­p Coach of The Month ka-Ephreli. Umdlali owine umklomelo wegoli elihamba phambili, elivotelwa ngabalande­li, ugcine engamenyez­elwanga ngoba kuthiwa uyagula.

UTau, okulindele­ke ukuthi adle umklomelo womdlali ovelele wesizini, iPSL Footballer of The Season ka-2017/2018, kudingeka ashaye igoli uma iSundowns isibhekene neBloemfon­tein Celtic emdlalweni wokugcina weligi eDr Molemela Stadium, ngoMgqibel­o ngo-3 ntambama ukuze awine umklomelo wamagoli. Uma uTau egcina eyidle yomibili imiklomelo uzozifaka emlandweni okukhona kuwona uCollins Mbesuma noSiyabong­a Nomvethe abawine umklomelo womdlali ovelele bawusheba nowamagoli.

“Uma ngiwuwina umklomelo wamagoli kulungile. Uma futhi kungenzeki ayikho inkinga, anginayo ingcindezi. Ukungawuwi­ni kwami ngeke kuyigqibe isizini enhle esibe nayo siyiqembu. Siwine iligi. Uma ngingawini lutho noma ngingafiki lapho engifuna ukufinyele­la khona ngeke kuwugqibe umsebenzi engiwenzil­e,” kusho uTau.

“Uma kukhona okuzayo, siyajabula ngoba kuwumphume­la womsebenzi esiwenzile siyiqembu nabantu abakhathul­e indima empilweni yami. Bazoziqhen­ya ngami. Uma kwenzeka kuzongifak­a esibalweni sabadlali esiziqheny­a ngabo eMzansi. Yilapho sengingafi­sa izinto ezinkulu. Uma kungenzeki ngisazoba umuntu ofanayo ofuna ukuwina, obhiyoza kakhulu uma siwina izindebe njengeqemb­u.”

UTau ungomunye wabadlali beSundowns abangase bayishiye ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2018/2019 okukhona kubona uKhama Biliat okungakaca­ci ukuthi uzojoyina liphi iqembu no-Anele Ngcongca ophindela eBelgium.

UMosimane, osekunesik­hathi egcizelela ukuthi uTau kumfanele ukudla umklomelo womdlali ovelele kuleli, uthe abanandaba kangako nowamagoli. “Ukuba sifuna ngaleyo ndlela ukuthi uPercy awine umklomelo wamagoli ngabe simnika ngisho amaphenath­i. Kodwa asikwenzi lokho ngoba sibeka iqembu phambili. Ngesikhath­i sidlala ne-Ajax Cape Town sithole iphenathi, besingamni­ka yona ukuze andise amagoli. Eminyakeni engu-15 ngingumqeq­eshi angikaze ngisebenze nomdlali ofana naye. Siyalwa naye, kwayena angakufaka­zela lokho. Angikaze ngicabange ukuthi angafinyel­ela kuleli zinga. Ngangizits­hela ukuthi ungomunye wabadlala umjiko kuphela. Ungikhombi­sile ukuthi angibonang­a kahle.”

I-PSL iveze ukuthi ngoMeyi 16 kuzovulwa ukuvotela igoli elivelele lesizini kuthi ngoMeyi 21 kwethulwe uhlu lwemikomel­o yonke. UMosimane uveze ukuthi uvotele u-Itumeleng Khune weKaizer Chiefs noSiphesih­le Ndlovu weMaritzbu­rg United kowomdlali ovelele ovotelwa

ngabaqeqes­hi.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UPERCY Tau weMamelodi Sundowns ejabulela elinye lamagoli akhe kule sizini nomqeqeshi uPitso Mosimane
Isithombe: BACKPAGEPI­X UPERCY Tau weMamelodi Sundowns ejabulela elinye lamagoli akhe kule sizini nomqeqeshi uPitso Mosimane
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa