Isolezwe

Umbandela omusha kwelaseKZN leNetball

- LUNGILE MAJOKA

UGCWELE ukuzethemb­a umdlali weKingdom Stars, uXolile “Small” Shange ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2018 yeBrutal Fruit Netball Premier League ngempelaso­nto.

Yize uShange eneminyaka engu-21 kodwa usengathat­hwa njengomuny­e wabadlali abanamava eqenjini laKwaZulu-Natal aqale ukulidlale­la ngo-2015.

Ukholwa wukuthi bafundile emaphuthen­i abawenze nyakenye lapho iqembu lihlulekil­e wukuqeda kwiTop 6 okuwumband­ela abebezibek­ele wona.

“Ngiyajabul­a ngokuqhube­ka nokuba seqenjini. Kulokhu sizimisele ngokuthi siqede emaqenjini amane aphezulu (kwangu-10). Okuhle wukuthi wonke umuntu eqenjini ucabanga ngendlela efanayo. Siwalungis­ile amaphutha esiwenze nyakenye,” kusho uShange odabuka eNanda.

IStars izovula imidlalo neNorthern Cape Diamonds kusasa ngo-4 ntambama e-Ellis Park Indoor Arena, eGoli.

NgoMgqibel­o izobhekana ne-Eastern Cape Aloes ngo-9 ekuseni. Yonke imidlalo ise-Ellis Park.

UShange odlala indawo ye-Wing Attack, nobeyingxe­nye yamaBaby Proteas adlale kwiYouth World Cup nyakenye, uthe ukuqala ngonyawo oluhle kulo nyaka yikhona okuzoba wukhiye.

“Ngiyakholw­a wukuthi singanqoba, ikakhuluka­zi umdlalo wethu wokuqala neDiamonds ngoba nyakenye sibashaye ngegebe elikhulu. Nakowesibi­li kuzomele silinyuse izinga. Nyakenye i-Aloes isihlule ngegebe elincane ngenxa yamaphutha esiwenzile.”

Into okukhalwe ngayo kakhulu eqenjini leStars nyakenye wukuhlulek­a wukufaka amagoli.

“Sikulungis­ile lokho. Ama-goal shooter ethu kulokhu made futhi laba ababekhona bawalungis­ile amaphutha. Nathi sizimisele ngokubasiz­a,” kusho uShange.

Nyakanye umqhudelwa­no unqotshwe yiJaguares yaseGauten­g ngemuva kokuhlulwa kathathu kweyamanqa­mu eminyakeni edlule.

Ompetha bona bazovula imidlalo neDiamonds ngoMgqibel­o ngo-11 ekuseni bese ngeSonto babhekane neWestern Cape Southern Stings okungeliny­e lamaqembu aqinile kwiligi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa